I-SOUTH African Federation of Trade Unions (Saftu) izomashela ukunyuswa kwemali-mboleko kusasa njengoba iBhange loMbuso lizobe likhipha isinqumo salo ngemali mboleko.
UNobhala Jikelele weSaftu, uMnuz Zwelinzima Vavi, uthe abahambisani nokunyuswa kwemali-mboleko ngoba kuthiwa kuliwa nokwehla kwamandla emali.
“Ukunyuka kwemali mboleko umlibe akulungile, kujezisa abampofu nabasebenzi. Akusilo iphutha labo ukuthi amandla emali ehlile. Silokhu siwabona amabhange ombuso emhlabeni jikelele nelethu iSouth Africa Reserve Bank (Sarb), linyusa imali-mboleko ngoba lithi lilwa nokwehla kwamandla emali. Akusona isinqumo esiphusile lesi,” kusho uVavi.
Uthe balindele ukuthi iBhange loMbuso linyuse imali-mboleko ngo-0,25% noma ngo-0,5%.
Uthe ngoLwesine bazomasha beyozwakalisa ilaka labo ngaphandle kwamahhovisi eSarb ukuze ibone ukuthi akulungile ukunyusa imali-mboleko. Umbhikisho uzoba ngo-1 emini emahhovisi eSarb asePitoli.
Ukhale ngokuthi abantu bakuleli bathwele kanzima kangangokuthi u-80% womholo wabo uya ezikweletini futhi akupheli nezinsuku ezinhlanu besenemali ebhange emuva kokuhola.
“Izinga lokuphila seliphezulu kakhulu. Abasebenzi abakwazi ukukhokhela izikweletu zabo, amabhizinisi amancane nawo awakwazi ukumelana nemali mboleko ephezulu. Uma imali mboleko ilokhu inyuka sizobona izinkampani zidiliza abasebenzi. Asithandi kuze kufike lapho yingakho sizomasha ukuze iSarb izolubheka ngelinye iso lolu daba,” kusho uVavi.