BAZONGENA bagamanxe emaphakatheni abashayeli bezimoto kusukela ngoLwesithathu kunyuka uphethroli.
Lokhu kuqinisekiswe uMnyango wezaMandla nokuMbiwayo ngoMsombuluko.
Intengo kaphethroli i-93 ne-95 unleaded izonyuka ngo-25c ilitha. Intengo kadizili inyuswe ngo-20c kanye no-21c ilitha, kuye ngokuthi isibabuli singakanani.
Intengo kapharafini izokhuphuka ngo-21c ilitha, kanti intengo yegesi ye-LP izokwenyuka ngo-36c i-kg.
"Umthelela omkhulu walokhu yimpi ephakathi kweMiddle East nokungqubuzana phakathi kwe-Iran ne-Israel," kusho uMnyango esitatimendeni.