IPHOYISA eliyisikhulu KwaZulu-Natal uColonel Welcome Sithembiso Mhlongo, likuchithile okwashiwo ngowayenguzakwabo ukuthi wayeyingxenye yetulo lokubophela uzungu owayeyisikhulu kubashushisi iNational Prosecuting Authority (NPA), uMnuz Mxolisi Nxasana.
UMhlongo ubethula ubufakazi izolo kwikhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso yindlazana. Igama likaMhlongo ladalulwa ngabambalwa okunguNxasana uqobo lwakhe, owayeyisikhulu soKlebe eKZN uMnuz Johann Booysen, nowayesebenza koKlebe uMnuz Terence Joubert.
Ngokusho kwabo, uMhlongo wayetshelwa ngowayeyiphini lomqondisi jikelele kubashushisi uNksz Nomgcobo Jiba. Kuthiwa uNksz Jiba wenza lokhu ukuze kuphume uNxasana bese kungena yena.
Umholi wobufakazi u-Advocate Garth Hulley, ubemphonsa imibuzo nangencwadi efungelwe eyenziwe nguNksz Queen Mhlongo, owayesebenza emahhovisi eNPA.
UMhlongo ephendula uHulley, uthe okuningi kwathathelwa phezulu ngoba yena wayengachazi lokho abakusho ngaye. Waqhuba wathi bona babezijabulele, bezincokolela ngoba bengabakwaMhlongo, bejabulela nokuthi kunesibongo sikanina, sakwaNxasana.
Utshele ikhomishini ukuthi ubufakazi ngaye bukhandiwe ukuze beseke obukaJoubert. Iphoyisa loKlebe uJoubert, lalisebenzisa ihhovisi elilodwa noMhlongo, lethula ubufakazi lathi lalibuye limqophe engazi uMhlongo. UJoubert wathi uMhlongo wayekhuluma noJiba, behlanganisa iqhinga lokuthi bathole izinto ezingalungile ngoNxasana ukuze aphoxeke, ebese eyaxoshwa.
Kuthiwa uMhlongo waphinde wasolwa ngokuthi wayexwayisa izigebengu, uma zizoboshwa.