UMUNYU nesililo umndeni wowesilisa oneminyaka engu-32 ubudala, uthola isidumbu sakhe sidindilizile sigcwele igazi ngoLwesithathu ekuseni, ngemuva kokubhiyozela usuku lwakhe lokuzalwa.
Ngokubika kwabeReaction Unit South Africa (RUSA) ababizwe ngamalungu omndeni sekonakele, umufi ubezalwa ngoLwesihlanu, abangani bakhe bamhlelela umcimbi ngeSonto, eTafuleni, eNanda.
Kubikwa ukuthi bebehleli emzini oseduze nakubo kamufi, kubhiyozwa kusukela ngeSonto kwaze kwaba wukuthi kuphuma isidumbu ngoLwesithathu, ngo-6.14 ekuseni.
Kuthiwa umufi nomnikazi womuzi babe nengxabano, wakhipha ummese umnikazi wekhaya wagwaza usingaye waze wafa.
Umndeni kamufi yiwona ozitholele ngokwenzekile ngesikhathi upheka ngemibuzo abasifazane ababili namadoda amane abekhona kulo muzi. Kuthiwa umsolwa uvumile ukuthi uyena omgwazile kodwa akangacacisa imbangela yesenzo sakhe.