UPHENDUKE ihlanya ezinkundleni zokuxhumana umfundisi obeveza amandla nekhono analo lokuvusa owesilisa obesebalwa kwabafileyo. Lo mfundisi ekuthiwa udabuka eCongo u-Alph Lukau webandla i-Alleluia Mininstries kuse esabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho evela njengomuntu ogile izimanga ngokhulekele owesilisa obezongcwatshwa wavuka.
Yize engayena owaseNingizimu Afrika kodwa ungumfundisi osephenduke isilomo kumakholwa adabuka kuleli asonta ngaphansi kwebandla lakhe. Obekumangaza ngale video nezithombe indlela ebevule ngayo inkebenkebe yomlomo umufi, okuhlule ngisho esevuke ekufeni elokhu ekhamise njalo.
'Umufi' uvuke ebhokisini wahlala ngezinqa emuva kokuthandezelwa, khona lapho kwavumbuka enye ivideo esehamba eyongena ngaphakathi ebandleni.
Uma ujwayele imidlalo yeshashalazi okubalwa ne-Wizard of Oz uvele ubone umufi efana nse nendawo edlalwa uScarecrow kanjalo noThe tin man ngokuhamba eqhaqhazela into engapheli. Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana nokubalwa ufacebook bazakalise ukunengeka ngalesi senzo salo mfundisi nomufi ogcine esephiwa igama likamlingisi.
Akugcinanga lapho uphinde waphakelwa ukudla obekubukeka kusanda kuphekwa futhi nepuleti kuyileli elivamise ukusetshenziswa emishadweni nokwenze abantu bamungabaza umufufi ukuthi uke walala emakhazeni. Babodwa ebebekhala ngomswenko wakhe wesudi emihlophe abeziphihle ngayo.
Le sudi noma ebengaqhaqhazela kanjani ngesikhathi edla kodwa ubengalokothi ayingcolise noma azithele ngokudla.
Lithe lishona ilanga le video ibisiphenduke into yokuchitha isizungu njengoba bese kunomdlalo obizwa ngovuka kwabafileyo, kuze kwasabalala nama video abantu ebebemlingisela lomufi nomfundisi.
While Pastor Alph Lukau is busy talking, I encourage to concentrate on the mouth of the guy in the coffin then you will decide if he was dead or not.
Maybe this guy can bring back the like of Nelson Mandela, Hector Peterson, Hugh Masekela, Steve Biko, OR Tambo and others. pic.twitter.com/lFoNsM0grO
— Chief Erican (@EricanSA) February 25, 2019
Alph Lukau is a fraud. I’ve worked at a morgue. The mouth gets stitched and sealed, the eyes get glued and there’s a special lotion for the face. That dead guy looks like he walked out a spa 😰 I’m reporting Alph as spam.
— Katlee 🍒 (@JustKatlee) February 25, 2019
Kings and Queens Funeral Services has distanced itself from "resurrection" of a man at @AlphLukau's church yesterday, say they offered nothing to the family except the hearse. The funeral palour says it's in the process of taking legal action for "malicious damage" to its image pic.twitter.com/YPAHt9yEN5
— Sphelele (@SpheDludla) February 25, 2019
Challenge accepted.. pic.twitter.com/iI2HlOsufe
— BOSASA (@Lilcoolkaybee) February 25, 2019