NKOSIKHONA CELE
LIPHILA ngokuphathwa yikhanda elinkenkethayo futhi liyabuyisa uma liqeda ukudla kanti libalisa nangokugoqana kwamathumbu ibhungu laseMayville, elinikezwe amaphilisi okuthithibalisa igciwane lesandulela ngculaza ekubeni lingaguli, emtholampilo waseCato Manor.
UMnuz Mfundo Khanyile (29), uthi okumehlele uyokuxoxela amagwababa echobana njengoba ezithole esedla ama-ARVs izinyanga ezimbili ezigcwele. Uma elandisa ngosizi lwakhe, uKhanyile zivele zizehlele izinyembezi uma esezichaza njengemvu yomhlatshelo.
Uma elandisa udaba lwakhe uthi ezinyangeni ezedlule uzizwe engaphilile kahle wabe eseyohlola igazi emtholampilo wangakubo. Uthi nebala uyile wahlolwa ngumhlengikazi, wamtshela ukuthi uyaphila akanalutho.
“Kungijabulisile kakhulu ukuzwa ukuthi ngiwumqemane anginalo leli gciwane,’’ usho kanje uKhanyile.
Uthi indaba iqale ukonakala esephumela emnyango esegoduka. Uthi kuqhamuke omunye umhlengikazi wakuwona umtholampilo wambuza ukuthi imiphumela ihambe kanjani?
“Ngimtshelile ukuthi konke kuhamba kahle ngaphakathi ngitholile ukuthi anginalutho ngiwumqemane,’’ usho kanjena.
Uthi umhlengikazi uthe akakholwa ucela ukuphinde aqale phansi amthathe igazi amhlole kabusha. Uthi kumethusile lokhu ukuthi kungani ezoqala phansi ahlolwe igazi futhi umhlengikazi ongaphandle.
“Naye ungihlolile wathola ukuthi anginankinga. Ube esengibuza ukuthi yini edala ukuthi ngizohlola igazi ngoba ngiyaphila. Ngimtshelile ukuthi ngibuye ngingazwizwa kahle,’’usho kanjena.
Uthi umhlengikazi ungene ngaphakathi wamlandela amaphilisi wathi akawadle azomsiza. Ngokusho kukaKhanyile lawo maphilisi awokuthithibalisa igciwane.
Uthi uqalile wawadla kwaze kwaphela izinyanga ezimbili ezigcwele. Ngelinye ilanga uthi umhlengikazi wamtshela ukuthi aqinisekise ukuthi amaphilisi akhe awampheleli.
“Ngelinye ilanga wathi asihlangane eWorkshop wanginikeza wona futhi amaphilisi. Ngithole esephelile sengiphindela kuwona umtholampilo ukuthi umhlengikazi ubengidlisa ama-ARVS,’’usho kanjena ngokukhathazeka.
Kusuka lapho uthi impilo yakhe ayiphindanga yafana, uphila ngokugula angakuqondi.
“Ngiphathwa yikhanda elingabekezeleleki. Ngithi ngisababaza lokho kumane kugoqane amathumbu. Inzima lento engiyenziwe yilo mhlengikazi,’’ ebalisa.
UKhanyile uthi ubambe imihlangano emikhulu nobuholi bomtholampilo amahlandla amathathu.
“Baqale bathi angithule bazongipha uR1000. Nganqaba bayinyusa bathi bazongipha uR10 000 nawo ngawunqaba,’’ kuchaza uKhanyile.
UDkt Bongani Nxumalo, uthe imishangazo yokuthithibalisa igciwane lengculaza iyakwenza ukuthi uphalaze uzizwe ubhocobele futhi ukhathele. Wathi akakholwa ukuthi uKhanyile ukugula kwakhe kumayelana nokuthi udle imishanguzo yegciwane ekubeni engaguli.
“Iqiniso elimsulwa lithi kungenzeka ukuthi uKhanyile kukhona ukugula abevele enakho emzimbeni. Ngoba imishanguzo ngeke yenze umonakalo omkhulu kumuntu ongaguli,’’ kuchaza uDkt Khumalo.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Ntokozo Maphisa. uthe sebecele umbiko ogcwele esfundeni esithintekayo kulolu daba. Uthe bakhathazekile impela ngalesi sehlakalo.