INYOSI yeSilo uBuzetsheni Mkhohliseni kaSombila Mdletshe, ichaze kabanzi ngokusungulwa kwezibongo nomsebenzi wokuhaya amakhosi. UMdletshe uthe ukuhaya amakhosi asakhothama kusuke kuyindlela yomthandazo yokuwaxhumanisa naleyo esuka ibusa ngaleso sikhathi.
Uthe nakusona iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngeke kube nzima ukuqamba izibongo ngoba ziningi izigameko ezenzekile ezenza kube lula ukuqhamuka nezibongo. Usevele uqalile ukuhaya iSilo uMisuzulu kaZwelithini uma kunemicimbi emikhulu.
UMdletshe usebenze kakhulu neSilo uZwelithini kaBhekuzulu, ehamba naye yonke indawo waze wahamba naye ngisho naphesheya kwezilwandle. Uthe kuyinto ewumlando kuyena ukuba yinyosi yasendlunkulu ngoba emndenini wakhe kunomlando wokusebenza namakhosi amadala.
“ Umkhulu wami uMavukefile wayesondelene neSilo uDinuzulu, ukusondelana kwabo nendlunkulu kwangenza ngafunda ngathanda ukwazi kabanzi ngomlando nokusebenza namakhosi. Ngiyakhumbula ngo-1966 ekhaya kwafika iSilo uBhekuzulu esizala iSilo uZwelithini, kwahlatswa inkomo kwajatshulwa kwaba mnandi,’’ kusho uMdletshe.
Uthe kusukela kudala kwakuba khona inyosi ehaya iSilo esisuka sibusa ngaleso sikhathi. Uthe umsebenzi wokuhaya ubaluleke kakhulu futhi uwubuciko obujulile obufuna ubuhlakani.
Uthe izibongo zihambisana kakhulu nezigameko ezisuke zehlele leyo nkosi esuke ibusa ngaleso sikhathi bese kufanele inyosi ithole indlela enobuciko yokuzibeka.
“ Kunezikhathi lapho kubongwa khona inkosi ethile ngenxa yesimo esithile sangaleso sikhathi. Ngeke nje uma kuyolanyulwa bese ubonga inkosi eyayionalaka ngoba ngeke ilamuleke leyo mpi. Kusuke kufanele ufike ubonge inkosi eyayithanda uxolo ukuze kusheshe kulunge,’’ kusho uMdletshe.