KUYAQHUBEKA ukudilizwa kwabantu ezimayini njengoba sekuvele izindaba zokuthi i-Anglo American Platinum (Amplats) izodiliza abasebenzi abawu-3 700.
I-Amplats ithe abantu abazothinteka abakuzo zonke izimayini zayo eziseNingizimu Afrika kwazise izama izindlela zokonga imali emuva kokwehla kwenzuzo eyenziwa yinkampani.
I-National Union of Mineworkers (NUM) isizwakalise ukukhathazeka ngokudilizwa kwabasebenzi ezimayini njengoba ikhala ngokuthi izimayini zilokhu zibadilizile abasebenzi kodwa izikhulu aziyi ndawo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoMeyi, iNum ibibhikisha eSibanye Stillwater eNorth West, lapho kumenyezelwe ukuthi kuzodilizwa abasebenzi abawu-3 107 namatoho awu-915.
UMnuz Khathu Ramufhufhi weNum eLimpopo, uthe bakhathazekile ngokudilizwa kwabasebenzi ngoba ukudilizwa komuntu oyedwa kuthikameza umphakathi wonkana.
Ukhale ngokuthi umholo womsebenzi oyedwa wondla amalungu omndeni amane kuya phezulu kwazise ayikho imisebenzi eNingizimu Afrika.
Uveze ukuthi kuzodilizwa abasebezi abaqashwe ngokugcwele nabasebenzi abawu-600 abangamatoho.
“I-Amplats ithe kwehlile ukudayiswa kwe-platinum kanti kuye kwaphazamiseka ukusebenza ezimayini zayo ezihlukene. Ukudilizwa kwabasebenzi ngeke kuthikameze abaseLimpopo kuphela kodwa naseRustenburg kuzobe kukhalwa esifanayo. Kubuhlungu ukuthi abasebenzi bazophelelwa wumsebenzi futhi nemiphakathi encike ezimayini izophazamiseka,” kusho uRamufhufhi.
Uthe bafuna izimayini zingajahi ukudiliza abantu kodwa ziqale zixoxe nezinyunyana ukuze kuzotholakala izindlela zokonga imali ezingaqali ngokudilizwa kwabasebenzi.
“Sizoqhubeka nemikhankaso yethu yokulwa nokudilizwa kwabantu sisebenzisana neCosatu okuyiyona ethe kufanele kuxoxwe uma inkampani inezingqinamba. Njengamanje izikhulu zezimayini zivele zisazise ukuthi zizodiliza abasebenzi zingakaze zisibizele ezingxoxweni zokonga imali. Zona uma kukhulunywa ngokonga imali, zivele zibone kungcono zidilize abasebenzi,” kukhala uRamufhufhi.