EZWENI lapho izinga lokungasebenzi kwentsha liphakathi kwamanani aphezulu kakhulu emhlabeni, osomabhizinisi abathathu abasebasha baguqula imiphakathi yabo futhi benza umehluko.
Labosomabhizinisi abathathu bonke bayavumelana ngokuthi amabhizinisi adinga okungaphezu nje kwemali ukuze athuthuke; adinga isiqondiso, ukuqeqeshwa, kanye nomphakathi okholelwa emandleni abo.
UFundisiwe Mbele, u-Achuma Somkhence, noSilindokuhle Mbatha abagcini nje ngokwakha amabhizinisi abo kodwa baphinde bahlahla indlela yekusasa eliqhakazile neliqinile njengabaqashi bakusasa.
Uhambo lukaMbele kwezamabhizinisi lwazalwa ngenxa yesidingo lapho elahlekelwa umsebenzi ngesikhathi kubhebhetheka igciwane iKhorona (COVID-19).
UMbele wasebenzisa amakhono akhe okwenza izinwele aba ibhizinisi eliphumelelayo.
Waqale iDurban Kids’ Salon, isaluni engumahamba nendlwana eletha isitayela sezinwele ngqo emakhaya ezingane eThekwini namaphethelo.
Umgomo wakhe ucacile: ukukhuthaza ukunakekelwa kwezinwele zemvelo nokunciphisa ukusetshenziswa kwamakhemikhali anokhahlo.
Isevisi yesaluni yakhe ayigcini nje ngokusindisa isikhathi sabazali kodwa futhi inikeza ulwazi oluzolile ezinganeni.
Uthi: “Ngangifuna ukwakha indawo lapho izingane zizizwa ziduduzekile futhi zinakekelwe.
UMbele uncoma inqubekelaphambili yakhe ngokwesekwa akuthola ku-FNB Youth Start-up Accelerator emnikeze ukuqeqeshwa okubalulekile ekuphathweni kwezimali, ubuholi kanye nokumaketha.
Izinhlelo ezifana nalezi zibalulekile kosomabhizinisi abasebasha, azinikezi nje uxhaso lwezimali kodwa nokuqeqeshwa okudingekayo ukuze kusimame futhi kuthuthukiswe ibhizinisi.
Ngokwemibiko yakamuva, ama-70-80% amabhizinisi amancane ayahluleka phakathi neminyaka emihlanu yokuqala.
Leli zinga eliphezulu lokuhluleka ligqame kakhulu phakathi kosomabhizinisi abasha ngenxa yezihibe zezimali, ukuqeqeshwa, namathuba ezimakethe (GEM Global Entrepreneurship Monitor) .
UMbele unalesi seluleko kosomabhizinisi abasafufusa: “Uma kukhona kungasebenzi, zama okunye. Yiba umngane ngokuzithiba, ukungaguquguquki nokusebenza kanzima.”
U-Achuma Somkhence, wasungula ibhizinisi lakhe, iSamgn Smoothies ukuze anikeze izakhamuzi zaseMlazi, eThekwini ezinye izindlela ezinempilo esikhundleni sokudla okusheshayo.
USomkhence watshala imali yakhe abeyilondolozile kuma-blender nezinye izinto zokusebenza ekuqaleni kuka-2020, emva kwezinyanga ezimbili ibhizinisi lakhe labhekana nenqinamba ngesikhathi izwe lonke liba nama lockdown ngenxa yeKhovidi.
Naphezu kwalezi zingqinamba, ukuzimisela kwakhe akuzange kuntengantenge.
Usebenzise ukukhangisa kwamagama kanye nemicimbi ye-pop-up ukukhulisa ibhizinisi lakhe lapho isivuma imithetho yelockdown.
“Zonke izingqinamba ohlangabezana nazo, nozinqobayo zikwenza ukhule, ufunde futhi ngengomuntu,” usho kanje.
USomkhence uthe ukuba nomeluleki yinto edingwa yibo bonke abanikazi bamabhizinisi; umuntu ohamba eduze kwabo, umuntu ongabakhomba endleleni efanele.
“Ngaphezu kwalokho, uma uqala ibhizinisi, akekho okufundisa ngezezimali. Ngifunde ukuthi ngingabiza kanjani imikhiqizo yami nokuphatha ukungena kwami kwemali ngesisheshisi sentsha esine-FNB ne-Fetola. Kwakuyinguquko kimi futhi yangifundisa ukuphatha imali yami kangcono. Kungenze ngaba usomabhizinisi ongcono. Manje sengingakwazi ukugxila kwezinye izinto zebhizinisi lami.”
Uthando lukaSilindokuhle Mbatha lokusimama kwemvelo luholele ekutheni asungule i-Bantu Solutions, inkampani elawula udoti wokudla eNewcastle.
Esebenzisa indlela yeBokashi, uMbatha, 29, uguqula imfucumfucu yokudla ibe umquba obalulekile, okunqanda ukuthi kugcine sekugcwele izindawo zokulahla imfucuza.
“Umsebenzi wami wokuqala wawu sembonini yokugaywa kabusha kwatoti, ngaba nokuqonda kokubaluleka kokugaya udoti okwazi ukuthi uphinde uwusebenzise kabusha (recycling). Ngaba nentshisekelo yokwenza okuthile okunomthelela ofanayo. Ngakho ngaqala ibhizinisi lami,” kusho yena.
UMbatha ubhekana nezingqinamba nsuku zonke njengoba ibhizinisi likhula, kuya kuba nzima ukuqoqa udoti wokudla usebenzisa izithuthi zomphakathi noma izimoto eziqashiwe. Unethemba lokuthi ngelinye ilanga uzothenga eyakhe imoto.
Umbele naye ubalule ukuthi ezokuthutha nazo ziyakhathaza.
Ngokuvamile kufanele aye kumakhasimende ngemva kwamahora futhi asebenzise amatekisi noma ashayele i-Uber. Lokhu kudla inzuzo yakhe futhi uyavuma ukuthi impilo izoba lula ngeveni lakhe.
“Uma ngizizwa ngicindezelekile ngikhuluma nomeluleki wami kwezamabhizinisi ongisizayo ukuhlela uhlelo lwami kanye nezithunywa. Ukuzethemba kwami sekukhule kakhulu, sengiyakwazi ukwethula izethulo kanye nenethiwekhi kalula,” kusho uMbatha.
Uthi uma uzimisele ngokuqala elakho ibhizinisi, qonda ukuthi ayikho into eyimpumelelo eyenzeka ngobusuku obubodwa kumele uqinise umsebenzi wakho ukuze uthole izithelo ezinhle.
“Uhambo lwezamabhizinisi luwumjaho wemarathoni, hhayi owokugijima. Gxila embonweni wakho, futhi izokuyisa ezikhathini ezinzima,” kusho uMbatha