Njengoba isibuyiselwe esikhundleni sobukhosi, iNkosi yabaThembu, uKing Buyelekhaya Dalindyebo ufuna kubuyiswe nesigodlo sakhe ukuze akwazi ukwenza umsebenzi wokugeza isinyama sasejele.
Lokhu kushiwo wumkhulumeli wakhe uPrince Mthunzi Ngonyama.
Njengamanje iNkosi uBuyelekhaya usembangweni nendodana yakhe uPrince Azenathi okumanje ufaka inselelo uhulumeni wase-Eastern Cape ngokuthi ubuyiselwe kanjani 'uyise' kulesi sikhundla.
Indodana yeNkosi uBuyelekhaya isibe sesikhundleni sokubamba ubukhosi kusukela ngo-2016 ngemuva kokuthi uyise ephonswe ejele.
Umdonsiswano ngalokhu usenkantolo enkulu yaseMthatha. Leli cala like langena enkantolo lahlehliselwa ukuthi kukhishwe isinqumo ngoLwesihlanu lwangesonto elizayo.
UNgonyama uthe kumele engabe lo msebenzi wokuyihlanza isinyama sasejele kade wenzeka, kodwa ngebhadi bekungamele wenzelwe ngaphandle kwesigodlo saseBumbane indodana yakhe obesekuyiyo esiholayo.
“Kumele abuyele esigodlweni sakhe ukuze aqhubeke nomsebenzi wokugezwa isinyama, okuyinto okujwayelekile ukuthi yenziwe uma umuntu ekade esesimweni sakhe,"kusho uNgonyama.
“Into ebalulekile manje ukuthi abuyele eBumbane ezinye izinto sezingaqhubeka ke,”usho kanje..
Uthe uhulumeni usekubuyisele konke obekumele kubuyiselwe enkosini okuyizinsiza kusebenza okuhlanganisa neholo. Kodwa ngebhadi ubengakwazi ukubuyela esigodlweni esikhulu njengoba sisaqhoqhobelwe yindodana yakhe.
Uqhube wathi unethemba lokuthi lo mdonsiswano uzosheshe uphothulwe.
Phambilini kuke kwasuka esinamandla phakathi kweNkosi nendodana yayo njengoba atshela isizwe sonkana ukuthi empeleni yena akamzali u-Azenathi.
Wacela nokuthi kwenziwe ulibofuzo ukuqinisekisa lokhu akushoyo.
Kodwa u-Azenathi wanqaba waphetha, wathi uma kwenziwa ulibofuzo kuyena, zonke izingane zakwabo nazo kumele zenze okufanayo.
“Angazi ukuthi kungani efuna wonke umuntu enze lokhu esikhundleni sokuthi yena afune ukuziqinisekisa yena ukuthi uyiyona yini indodana yeNkosi,"kusho uNgonyama.
Okhulumela u-Azenathi, uPrince Thandisizwe Mtirara uthe u-Azenathi ngeke aphume kulesi sigodlo iBumbane ngoa siyikhaya lakhe. Kodwa ukuqinisekisile ukuthi isinqumo sikahulumeni wakulesi sifundazwe sichaze ukuthi u-Azenathi akaselona ibamba bukhosi.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uMakhaya Komisa uthe akekho sesimweni sokukwazi ukuphendula imibuzo ngalolu daba.
Yize kunjalo kodwa ngoJune uNdunakulu uMnuz Oscar Mabuyane wazisa u-Azenathi ukuthi isikhundla sakhe sizobuyekezwa njengoba lokhu kwenziwa njalo kathathu.