SELUPHENDUKE umlando usizi lweminyaka lwabantu baseMangweni, eMnambithi, lokugcwala ngokweqile komfula Isidibe obekuholela ekutheni izingane zingakwazi ukuwela ziye esikoleni kuhlehle nemingcwabo.
Lokhu kwenzeka ngemuva kokuba uMasipala i-Alfred Duma wethule ngokusemthethweni ibhuloho eselizosiza umphakathi uwele kalula.
Kuvela ukuthi phambilini isimo besinzima kakhulu kulo mphakathi. Inkosi yesizwe saMangwe, uNtshosho Cyril Zwane, ithe iyalesaba usizi obelukhungethe abantu bayo ngenxa yomfula.
"Siyabonga kakhulu ukuthi namhlanje sihlangene lapha sizokhuluma indaba enhle kangaka yokulungiswa kwebhuloho. Lokhu kusho ukuthi izingane sezizokwazi ukuthi ziye esikoleni noma ngabe isimo sinjani,'' isho kanjena.
Ithe iyethulela isigqoko iMeya yase-Alfred Duma, uMnuz Zama Sibisi, ngokubhukula ilungise isimo ebesidala inhlupheko.
"Lesi bekuyisimo ebesingesihle nje impela. Ngiyakuncoma ubakhiphile abantu bami osizini,'' kugcizelela inkosi.
USibisi uthe bakuzwa ukukhala kwabantu bakule ndawo base bebona kumqoka kakhulu ukuba kusheshe kulungiswe ngoba bekuphuthuma.
Uveze ukuthi basebenzise imali engu-R7 million ukwakha ibhuloho.
"Kuyasithokozisa ukuthi ekugcineni abantu bakule ndawo bazokwazi ukuthi bawele nezingane zingakhinyabezeki uma kufanele ziye esikoleni,'' usho kanjena.
Imeya iveze ukuthi uma kuzoba nemingcwabo bekuba yinkinga njengoba izimoto ezithwala izidumbu bekuba lukhuni satshe ukuba ziwele uma umfula usugcwele kakhulu.
USibisi uthembise ukuthi basembhidlangweni wokuthi kube khona namanye amabhuloho alungiswayo kuyona le ndawo.
Kulo mcimbi bekukhona noMnuz Mncedisi Maphisa ongusihlalo wezokuthutha, owayeyimeya kuMasipala AbaQulusi.