ISIZOPHELA inkinga yamanzi eMtubatuba emuva kwesimemezelo sokuqashwa kwenkontileka ezoqala umsebenzi.
UNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana noBuholi boMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, izolo uvakashele umphakathi waseShikishela ukuyomemezala uhlelo lwamanzi oluzotakula abangaphezu kuka-27 000.
Emasontweni amabili adlule kube nemibhikisho enodlame kuvalwe uN2 eMtubatuba naseHluhluwe. Abantu bebekhononda ngokushoda kwamanzi osekunesikhathi eside.
Imibhikisho yathwalisa kanzima amaphoyisa, eshaywa ngamatshe ngababhikishi abebengafuni ukuhlakazwa.
UHlomuka, obephelezelwa yiMeya yaseMkhanyakude, uMnuz Solomon Mkhombo, uthe kuzolungiswa iMpukunyoni Water Scheme ukuphakela umphakathi amanzi. Umsebenzi uzodla uR17 million, uhlanganisa ukufakwa kwamaphampu amasha nokuvuselelwa kwamanzi ambiwa ngaphansi komhlaba.
UHlomuka, obehlangene nezinduna namakhansela izolo, ukuqinisekisile ukuthi inkinga yamanzi isizophela eMtubatuba futhi bazolandelela ukuthi izinhlelo ziyaqhubeka.
“Izinhlelo esizethulayo sizoqinisekisa ukuthi ziyenzeka, nabanikwe umsebenzi basheshe bawenze,’’ kusho uHlomuka.
Bekukhona nabamele imayini yamalahle Ithendele, esisebenze kule ndawo kusukela ngo-2006. Abaphathi bemayini bathembise ukunikela emphakathini ngamalitha awu-30 000 amanzi ambiwa phansi ngosuku. Bathembisa nokulungisa umgwaqo ukuze ezofinyelela kalula kubantu kwamathangi azothutha amanzi ambiwa phansi.
Ungqongqoshe udlulele emphakathini waseSkhemelele kuMasipala waKwaMhlabuyalingana nakhona obekunenkinga yamanzi. Ngesikhathi egcina ukufika ngesonto eledlule wamemezela ukuthi umphakathi uzonikezwa amathangi okwesikhashana ngesikhathi kusabhekwa ezinye izixaxululo.
UMkhombo uthe basabheka ezinye izixazululo okubalwa kuzo ukufakwa kwamapayipi amakhulu nokwakhiwa kwendawo ezomumatha amalitha ayisigidi amanzi. Uthe konke lokhu kusezingxoxweni ezizophothulwa ezinyangeni ezizayo.
Imibhikisho KwaMhlabuyalingana eyaqala ngoMsombuluko odlule yamisa yonke into kwavalwa imigwaqo nezikole. Sekuphele iminyaka umphakathi ukhononda ngokungabi nawo amanzi. Kuthiwa nokufakwa kwamathangi kwaqalwa kwabuye kwaphelela endleleni.