IZINKINGA zokukhucululwa kwendle ekapakela emifuleni nasolwandle azigcini eThekwini naseKapa kuphela, zigcwele iNingizimu Afrika yonke.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wezaManzi, ukuHlanjwa kwawo nokuHanjiswa Ndle kuleli, uMnuz Senzo Mchunu, ngoLwesihlanu, ngesikhathi kwethulwa kabusha isikhungo esihambisa amanzi, i-Aqueduct 1 nesigcini-manzi, i-Reservoir 3 KwaNgcolosi.
“Okufanele kushintshe indlela esicabanga ngayo kuwo wonke umkhakha wezamanzi. Sinomsebenzi omkhulu wokulungisa ingqalasizinda yethu," kusho uMchunu.
Uthe umnyango wakhe uphothule ukuhlolwa kwengqalasizinda yamanzi nokuhanjiswa kwendle eThekwini, ezinyangeni ezintathu ezedlule.
"Sikhathazeke kakhulu ngesimo sengqalasizinda yaseThekwini. Sihlangane nomasipala ngoNovemba. Umnyango uchithe cishe isigamu sosuku kulo mhlangano, wenza izethulo ngokuthole ngesikhathi wenza ucwaningo.
"Sonke siyavumelana ukuthi isimo sengqalasizinda yamanzi neyendle kuleli dolobha isesimeni esikhathazayo. Ngemuva kwalo mhlangano, kusungulwe ikomiti elizohlola izidingo zaleli dolobha. Umhlangano olandelayo ungoJanuwari 20. Siyethemba ukuthi kuwona kuzohlaluka ngokuphelele ukuthi kumele kwenziweni," kusho uMchunu.
Uthe ngokubona kwakhe kuzodingeka imali ethe xaxa ngoba lezi zinkinga sezinesikhathi eside zikhona. Ngaphambi kwezikhukhula zanyakenye, iTheku belivele linenkinga yokungalungiswa ngendlela kwengqalasizinda.
Kusukela kwahlasela izikhukhula ngo-Ephreli, nyakenye, iTheku linenkinga yamapayipi amanzi nawendle aguguleka okudala ukuthi indle ikapakele emifuleni ize igcine ingene olwandle.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube Ncube, uthe umsebenzi wokulungisa ingqalasizanda yamanzi osewenziwe kusukela kwahlasela izikhukhula mkhulu kakhulu, bambalwa omasipala ebebengakwazi ukukuwulungisa ngaphandle kosizo lwamazwe aphesheya.
"Isifundazwe sinohlelo lokuhlola ukuthi ingqalasizinda esinayo izokwazi yini ukusinika amanzi, i-water master plan. Ngalolu hlelo siyazi ukuthi amapayipi athile madala kangakanani, azodinga ukulungiswa nini ngoba asifuni ukuthi sizithole singakwazi ukuphakela umphakathi amanzi ngenxa yokuthi ipayipi elidala seliqhumile," kusho uNkk Dube Ncube.
Uqhube wathi yize ikhona inqubekela phambili odabeni lwamanzi kodwa imigwaqo eminingi entshonalanga yeTheku isavalekile, akuhambeki kuyo njengoba eminye igcwele inhlabathi.
"Ziphelile izinyanga eziyishumi kwaba nezikhukhula. Asazi noma sikhona yini isizathu sokuthi kuze kuphele izinyanga ezingaka abasebenzi bakamasipala behluleka ukufinyelala ezindaweni ezifana naKwaXimba beyogugula inhlabathi ukuze kuhambeke? Njengoba sisho nje kuningi osekwenziwe kodwa kumele sisho futhi uma kukhona okungahambi kahle," kusho uNkk Dube Ncube.