UMNDENI wakwaPhungula uthi kawubulali ubuthongo ngenxa yepayipi lendle elidlula emathuneni lapho okufihlwe khona abazali. UNksz Lethinjabulo Phungula(25) ulandise Isolezwe Online ngobuhlungu babo njengoba ipayipi liqhumile indle ihamba phezu kwabazali babo.
UNksz Phungula uthe bashonelwe ngabazali kanyekanye ngoDisemba, babafihla emathuneni aseMobeni Heights.
“Ngaso sonke isikhathi siyabavakashela abazali bethu. Sithe uma sifika ngo-Ephreli sathola kuqhume ipayipi lendle, eligijima phezu kwethuna labazali bethu.
Saqala sakhuluma nabasemathuneni, bona bathi udaba bazolidlulisela phambili kodwa kuze kube yinamhlanje kuthulekile. Kukhona namanye amathuna asegugulekile ngenxa yamanzi,” kuchaza uLethinjabulo.
Uthe noma kuyakhulunywa sebesizwe emholi we-Action SA, ovele walusukumela lolu daba, wathinta nabantu ababalulekile kumasipala, banethemba lokuthi kukhona okuzokwenzeka manje. “Thina sesifuna nokuthi umasipala asisize ukuthi sibakhiphe lapha abazali bethu, siyobafihla kwenye indawo.
Wonke umuntu unesifiso sokuthi amalungu omndeni wakhe angcwatshwe endaweni enesizotha hhayi lapho okuqhuma khona ipayipi lendle,” kuchaza uLethinjabulo.
Umholi we-Action SA uMnuz Zwakele Mncwango, uthe into afike wayibona emathuneni aseMobeni iyihlazo futhi akayifiseli omunye umuntu.
“Sibathintile abantu abaqondene nalokhu. Sethemba ukuthi bazosilungisa ngokushesha lesi simo,” kubeka uMncwango ngamafuphi.
Isolezwe Online lithinte uMnuz Edinick Msweli ophethe uphiko lwezamanzi kuMasipala waseThekwini. Uthe bayalusebenze lolu daba futhi luzolunga maduze.
“Ngithole ngoMnyango wezokuXhumana namhlanje nganikela khona. Ngathola nabasebenzi bethu bematasa. Siyagijima. Sike saba khona isimo esifana nalesi eBotanic Garden, nakhona sasilungisa,”kusho uMsweli.
Ukuchithile ukuthi basukume ngoba sekungenele iqembu lezepolitiki. Uveze nokuthi kalikho ithuna eligugulekile.
Mayelana nokuthi umndeni wakwaPhungula udinga ukulekelelwa ukumba amathuna abazali bawo bayofihlwa kwenye indawo, uthe lokho bangakuxoxa nophiko lwezamapaki.
Uphethe ngokuthi uyazwelana nalo mndeni ngoba akekho umuntu ongathanda ukuthi lapho okufihlwe khona abazali bakhe kuhambe indle.
Uveze ukuthi lokhu kudalwe ngabantu ababezosebenza, abagcina beqhumisa ipayipi ngesikhathi bembha.