LIHLEHLISELWE usuku olungakaziwa icala lombango wokuba kuvalwe ibhange elilengelwa yizembe Ithala, obekufanele lilalelwe uLwesihlanu.
Isicelo sokuba kuhlakazwe Ithala esifakwe uhlaka olungaphansi kweBhange loMbuso, i-Prudential Authority (PA), bekufanele silalelwe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
Isinqumo sokuba kuhlehliswe isicelo sithathwe emhlanganweni kaMengameli wamaJaji KwaZulu-Natal, uJaji Thoba Portia Poyo-Dlwati, nabameli bezinhlaka ezithintekayo.
Kulo mhlangano obungoLwesithathu, kunikezwe izinhlaka ezithintekayo isikhathi sokuba zifake amaphepha asenkantolo.
I-PA inikezwe umnqamulajuqu wokuba ifake amaphepha aphendula izinhlaka eziphikisa isicelo ngoFebhuwari 7.
Emva kwalokho kuyokuba nomhlangano lapho kuzovunyelwana khona ngosuku okuzolalelwa ngalo isicelo.
Isicelo sokuvalwa kweThala sidale utalatiya njengoba amakhasimende engakwazi ukukhipha noma ukufaka imali kuleli bhange.
Abasebenzi basebhange nabo abaholile.