UJABULE kwaphela namazwi okubonga umfundi waseHamilton Makhanya Secondary, eMbumbulu, evakashelwa ngungqongqoshe engazelele.
U-Amahle Mjoli (19) owenza uGrade 11, kulesi sikole izolo uvakashelwe nguNgqongqoshe wamaBhizinisi amaNcane, uNksz Stella NdabeniAbrahams.
Kuningi akwenzayo ekuthuthukiseni amabhizinisi esikoleni u-Amahle.
Ungumsunguli wenhlangano yabafundi abaqale amabhizinisi ezikoleni iHigh School Entreprenuers SA (HSESA), waphemba iphephabhuku elibhala ngabafundi nezitshudeni ezingosomabhizinisi, iMega Love Online Magazine, futhi udayisa izibuko zelanga. Kuphele izimizuzwana esakhungathekile ngesikhathi ebona uNkk Ndabeni-Abrahams abengatshelwanga ukuthi uzofika.
NgoMeyi, u-Amahle ubhalele ungqongqoshe emtshela ukuthi ufisa ukuthi yena nabanye abafundi abangosomabhizinisi esikoleni, bathole ukwelulekwa ngungqongqoshe nokuthi ake afike azobabona.
"Ungqongqoshe ngiyamlandela ezinkundleni zokuxhumana, ngijwayele ukumbona esiza abanye osomabhizinisi. Ngafikelwa ukuthi nami ngibhale ngicele usizo. Ngangingacabangi ukuthi uzoshesha ngoba ngiyazi unomsebenzi omningi. Encwadini ngacela ukuthi asisize ngoba singosomabhizinisi abancane abafisa ukuthuthuka," kuchaza u-Amahle.
Uthe esikoleni bangu-18 abafundi abanabhizinisi amancane asebewaqalile futhi abangaphansi kwenhlangano, iHSESA. U-Amahle udabuka eMzimkhulu, kodwa uhlala eLovu nogogo kanye noninomncane, ubuye abambe itoho kwesinye sezitolo ezidayisa ukudla. Uthe umholo wakhe uwusebenzisela ukugibela aye esikoleni ukuze alekelele uninomncane okunguyena owenza izinto eziningi ekhaya.
Uthe unina akasebenzi uhlala eMzimkhulu, kanti uyise washona ngo2019.
"Ukuqala ukusebenza ngisemncane akukona ukuthanda kwami kepha ngabuka isimo ekhaya ngabona ukuthi umamncane uyasindwa ikakhulu ngoba nesimo somnotho asisihle ezweni. Kuyadingeka ukuthi sizijwayeze sisebancane ukusebenzisa amakhono esinawo siqale amabhizinisi," kuchaza umfundi.
UNgqongqoshe uNdabeni Abrahams, uthe baningi abantu abasha abasebenzisa izinkundla zokuxhumana kodwa iningi labo lingenela umgosi hhayi ibhizinisi njengoba kwenza u-Amahle.
"Lo mfundi wenze njengoba kuhlale kushiwo ukuthi ngeke uyithole uhleli ekhoneni. “Ukufika kwami bekungukumkhuthaza nokuthi ngimluleke ukuthi kumele enzenjani ukuze asizakale emnyangweni. Sizolindela ukuthi babhale isicelo soxhaso ngebhizinisi eliwumbono wabo kulesi sikole," kusho ungqongqoshe.
U-Amahle ngolwazi analo lwezobuchwepheshe athi ubufunde kwiYouTube wenze i-website yesikole.
"Konke lokhu engikwenzayo okuwubuchwepheshe ngikwenza ngeselula yami eshibhile. Namhlanje ungqongqoshe ungiphe i-laptop okuzokwenza umsebenzi wami ube lula kakhulu," kusho umfundi.
Lo mfundi uthe ilukuluku lokubhalela ungqongqoshe ube nalo ngemuva kokuthi eke wasebenzisana nePhini likaNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Sibongiseni Dhlomo, odabuka eMbumbulu. Uthe ubebasiza ngesikhathi bengenele umncintiswano, iHeritage Educational Schools Outreach Programme nyakenye.
Kulo mcintiswano uthe babebheka amaqhawe akule ndawo angadumile okungaba abantu okuqanjwe ngabo izikole.
“Ngabona ukuthi bayasiza ongqongqoshe uma bengaxinekile ngase ngibhalela uNkk Ndabeni-Abrahams ngoba ngiwumuntu olithandayo ibhizinisi. Kuyisifiso sami ukuthi abafundi abanekhono nothando lwebhizinisi baqale besesikoleni ukuze bathi befika ezikhungweni zemfundo ephakeme kube sekukhona abakuphethe ngesandla abazithuthukisa kukho,” kusho u-Amahle.
Uthisha ka-Amahle, uNkk Nokuthula Mngadi, uthe ukuvakashela kukangqongqoshe esikoleni sabo ezobona umfundi kubathokozise kakhulu.