KUBE yintokozo yodwa ngesikhathi uMenzi Nxumalo, olingisa kowoZalo, enikela ngezihlalo zabakhubazekile.
Lo mlingisi onenhlangano engenzi nzuzo ebhekene nabantu abakhubazekile iNokusa Foundation, ubambisene noMkhandlu weTheku, ekulekeleleni abantu abakhubazekile ngenhloso yokwenza impilo ibelula ngempelasonto eCity Hall, eThekwini.
Inhlangano ibinomcimbi wokunikela ngezihlalo eziwu-10 ibambisene noMngeni Water, imali engango R3 000, neziqholo.
UNxumalo uthe abantu abathole izihlalo bakhethwe umphakathi ngenhloso yokuthi kube nobulingiswa futhi balekelela abasuka eZamasizwe Crisis Center, ngokubamfanyaza emzimbeni ngabantu abasebenza eKings and Queens Beauty SPA, banandiselwa iqembu i-Albert Park Jazz.
Waqhuba wathi abantu abakhubazekile abangaxwayi ukulwela amathuba abo ngenxa yokuthi baphila nokukhubazela.
“Ngalolu xhaso sizama ukugqugquzela abantu abaphila nokukhubazeka ukuthi bakwazi ukuya lapho abafisa ukuya khona futhi bafunde ngokukhululeka,” kusho uNxumalo
Wathi abantu abaphila nokukhubazeka banamakhono njengabo bonke abantu futhi badinga ukunikezwa amathuba yingakho bedinga uxhaso abangalithola ukuze bafeze amaphupho abo.
Omunye wabathole uxhaso nguNksz Pinky Khotsholo, osuka eNanda, uthe ujabule kakhulu ngokunikwa isihlalo ngoba ubengenaso isikhathi esingaphezu konyaka.
Uthe wabhalisela isihlalo emtholampilo ezinyangeni ezisithupha ezedlule.
“Ukuba nesihlalo kuzoshintsha impilo yami. Sengizokwazi ukunyakaza kalula. Lokhu sekwenze impilo yami ibe lula,” kusho uNksz Khotsholo.
UNxumalo uthe uyafisa ukuthi noMasipala akhe isikhwama esizobhekana nabantu abakhubazekile.