BAHLEKA bodwa omakadebona abanikwe izindlu ezithi bona kuleli sonto eMgungundlovu. Labo makadebona bebehlala emaflethini abizwa nge-Aloe Ridge, abangena kuwona ngodli eminyakeni emihlanu edlule, njengoba babekhala ngokuthi abanazindlu.
IPhini likaNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uNkk Pam Tshwete, lithe basebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi omakadebona bayazithola izindlu osekunesikhathi bezilindile.
Ubonge uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, ngokuthola umhlaba owenele ukuthi kwakhiwe izindlu zabantu abaswele.
Uthe ziwu-12 izindlu ezidluliselwe komakadebona kuleli sonto kanti zizoba wu-32 seziphelele.
“Sinakhela izindlu ezizobuyisa isithunzi senu ngoba nilwele inkululeko yethu kanzima. Siyanihlonipha ngomsebenzi enasenzela wona. Siyanithanda, yingakho sininikeza lesi sipho esizobuyisa isithunzi senu. Izindlu zihambisana netayitela enizokwazi ukulishiyela izingane zenu ukuze nazo zibe namakhaya nomhlaba impilo yazo yonke,” kusho uNkk Tshwete.
Omakadebona abathola izindlu yilabo abaqinisekisiwe ukuthi ngempela babakhona emzabalazweni.
Uveze ukuthi izindlu zomakadebona zakhiwa wuMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ubambiseneme nowoMakadebona, okuyiwona okufanele uqinisekise ukuthi abazokwakhela ngempela bawomakadebona.
Omunye womakadebona abahlomule ngendlu, uMnuz Nathi Mkhize, uthe bayajabula kakhulu ngezindlu zabo ezinhle futhi ezinkulu.
Uthe bazophuma emaflethini asebehlale kuwo iminyaka emihlanu ngoba babelethwe wukuthi abanazo izindlu.
UMphathiswa wezokuHlaliswa kwaBantu baKwaZulu-Natal, uMnuz Sipho KK Nkosi, uthe kufanele osonkontileka basebenze ngokushesha ukuqinisekisa ukuthi bonke omakadebona bayazithola izindlu zabo.
“Ngifuna ngoMashi wonyaka ozayo, kube nombiko wokuthi bonke omakadebona okufanele bathole izindlu sebezitholile. Alikho izwe elingababhekeleli omakadebona balo ngakho nathi sithathe isinqumo sokuthi sisheshise lo msebenzi. Sizolokhu sizidlulisa izindlu eseziphelile ngesikhathi siqhubeka nokwakha ezinye,” kusho uNkosi.
Uthe nabangenawo amandla okuzakhela izindlu bazoqhubeka nokubakhela, wacela ukuthi bangazidayisi izindlu abasuke bezinikwe wuhulumeni.