USWELE amaphiko okundiza uDkt Thandeka Kunene emuva kokuthi inkampani yakhe, iHouse of Hemp, ithole ilayisensi yokuqala eNingizimu Afrika yokukhulisa insangu esetshenziselwa ukwelapha izifo ezehlukene.
“Ngineminyaka ewu-20 ngenza ucwaningo ngemboni yensangu. I-House of Hemp isungulwe ngo-1999 kwathi ngo-2014 sayoqasha indawo yokukhulisa i-hemp (insangu esetshenziselwa ukwelapha) eDube Trade Port,” kusho uDkt Kunene. Uthe indawo yabo engama-hectare amathathu izokhiqiza amalitha awu-2000 ka-oyela wensangu.
“Sinama-oda amalitha awu-20 000 amafutha ensangu okufanele siwakhiqize. Lokhu kusho ukuthi abalimi, izinyanga nabanye abantu abawuthandayo lo mkhakha bazothola ithuba lokusebenzisana nathi. Ukuthola ilayisensi kusho ukuthi sizodala amathuba omsebenzi awu-360 namanye amaningi.”
UDkt Kunene, odabuka eVryheid kodwa osezinze eGauteng ngenxa yomsebenzi, ubonge izinhlaka zikahulumeni ngokuthola ilayisensi wabonga nozakwabo asebenza nabo kwiHouse of Hemp athe ngaphandle kwabo ubengeke abe namandla okubekezela.
“Abamnyama banamasheya awu-62% amanye kube awabelungu, amaNdiya nabanye abatshalizimali. Irenti yethu iwuR275 000 ngonyaka eDube Trade Port ngakho bengizothwala kanzima ukube bengingedwa.”
Ugqugquzele abafisa ukutshala insangu elapha izifo ukuthi bavakashele i-website yakhe ethi houseofhemp.co.za ukuze bathole imininingwane egcwele ngezinhlelo zakhe.
Isikhulu esiphezulu seDube Trade Port, uMnuz Hamish Erskine sithe umsebenzi weHouse of Hemp usho ukungena kwemali yabatshalizimali bangaphandle, ukuthuthuka kolwazi lokwelapha nokudaleka kwamathuba omsebenzi KwaZulu-Natal.