UKUGXIXATSHEZWA komama bebandla lama-Afrika, ngezinsiza zokuqhuba umsebenzi wokuthunga kugcwalise isifiso somholi webandla ongasekho.
Omama banyelwe yinyoni esandleni njengoba inkampani iPantheria Furs For Life, ixhase uhlelo.
UMnuz Lunga Wanda, wenkampani udalule ukuthi basebenzise u-R200 000 ukuze bafeze lo msebenzi. Kule mali uthe kubalwa ukubathengela imishini, ukubanikeza uqeqesho, ukubathengela indwangu nokunye.
"Kuyinto esithokozisayo kakhulu ukusebenzisana nebandla likaNkulunkulu. Akusilona ibandla lokuqala leli sisebenzisana nalo ngenhloso yokwenza lo msebenzi akhona namanye,'' usho kanjena uWanda.
INhloko yebandla lama-Afrika, uMfundisi Nkosinathi Dlamuka, idalule ukuthi eminyakeni ewu-106 edlule uMfu Gwala owayengomunye wabaholi bebandla wakubeka kwacaca ukuthi kuyoba kuhle ukuthi isonto libe nohlelo olufuze lolu lokuthunga.
Uthe kuyajabulisa ukubona kufezeka iphupho okwakukhulunywe ngalo eminyakeni eminingi edlule.
UGwala ungumholi wokuqala wesizinda sebandla esiseCliffdale, iGadner Mvuyane Centre, lapho obekwenzelwa khona uhlelo.
UDlamuka ugcizelele ukubaluleka kokuthuthukiswa komama bebandla ngezindlela ezahlukene.
UNkk Fikile Dlamini, omunye wabahlomulile uthe okubathokozisayo kakhulu ukuthi sebezokwazi nokuthi baxoshe ikati eziko. Wathi bayambonga uNkulunkulu ngokuthi abanikeze isibusiso salolu hlobo.
"Siswele imilomo eyizinkulungwane yokubonga kukhulu lokhu esibusiswe ngakho namhlanje,''usho kanjena uNkk Dlamini.
UNksz Nokwazi kaRadebe Mbhele ongumfundi wezindaba emsakazweni Ukhozi FM, futhi oyilungu lokuqina lebandla nguyena umvusi wenyamazane.
Uthe wakubona kumqoka ukuba kulekelelwe omama bakuleli bandla abanekhono lokuthunga. Wathi kumjabulisile kakhulu ukubabona befunda beqeda base bethola noxhaso.