KUQHUME imikikizo kwaduma amakhwelo ezikhungweni zokuvota kuvela izindaba zokuthi i-IFP inqobe ngamalengiso iwadi ebalulekile kuMasipala waseMhlathuze.
Le nhlangano idle umhlanganiso kuWard 12 wakulo masipala okhethweni lokuchibiyela obelungoLwesithathu.Imiphumela ebingakaqinisekiswa iqale ukuvela ngoLwesithathu ebusuku.
Kube yinjabulo yodwa kulabo abebesezikhungweni zokuvota abebelinde ukuthi kuqedwe ukubalwa kwamavoti.
Kungokokuqala i-IFP inqoba ukhetho kule wadi ebikade iyisizinda se-ANC.
I-IFP inqobe ukhetho ngo-54%, ngokhetho olwedlule i-ANC yayikade inqobe ngo-59%.
Ukunqoba kwe-IFP kuyinikeza ithemba lokuthi izokwazi ukugcina uMasipala waseMhlathuze noma ngabe i-ANC igcina ifinyelele esivumelwaneni sokusebenzisana ne-EFF.
I-ANC KwaZuluNatal inezingxoxo zokusebenzisana ne-EFF komasipala baKwaZuluNatal.
I-EFF ingelinye lamaqembu abambisene ne-IFP ukuphatha uMasipala waseMhlathuze.
Ukunqoba kwe-IFP kwangoLwesithathu kusho ukuthi isangakwazi ukuqhubeka iphathe lo mkhandlu ngaphandle kokwesekwa yi-EFF.I-IFP ibonge abantu baseMandlankala ngokuyivotela okhethweni lwangoLwesithathu.
USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe le miphumela ikhombisa ukuthi bazowudla umhlanganiso esifundazweni ngokhetho lukazwelonke oluzokuba ngo-2024.
"Lobu wubufakazi bokuthi abantu baKwaZulu-Natal balangazelele ushintsho. Abantu baKwaZulu-Natal bakhathele ngabaholi benhlangano ebusayo abacabangela izisu zabo. Abantu bayaqhubeka nokuchayisa i-ANC. Vele i-ANC ayisabakhathalele abantu. Bazicabangela bona bodwa. Inkohlakalo inuka phu esifundazweni.
"Ubufakazi bokuthi abantu bakhathele yi-ANC siqale sabubona ngesikhathi kunokhetho eMvoti, kwaba yiseMfolozi, kwaba yiseMthonjaneni, njengoba sekuphinde kwenzeka into efanayo nala eMhlathuze. Ukhetho silunqobe ngamalengiso njengoba sibahlule ngamavoti abalelwa ku-460."
UNtuli uthe imizamo ye-ANC yokubanyundela kubavoti ayizange isebenze.
Ngaphambi kokhetho lwangoLwesithathu i-ANC yakhipha izitatimende lapho isola i-IFP ngokwephula imigomo yokhetho nokuthenga amavoti.
UNtuli uthe alikho iqiniso kulezi nsolo ze-ANC, wathi kwakuyindlela nje yokubanyundela.
Uthe njengoba sebenqobe ukhetho umsebenzi osubasalele ngukuba bahambise izidingo ebantwini.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uthe kabayamukeli imiphumela yokhetho. Uthe sebefake isikhalo esisemthethweni kwikhomishini eyengamele ukhetho, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), bayibikela ngezinsolo zokwephulwa kwemigomo yokhetho yi-IFP.
Kepha okhulumela i-IEC KwaZulu-Natal, uMnuz Thabani Ngwira, uthe bebengakasitholi isikhalo se-ANC.
"Ngisibonile isitatimende sabo kodwa besingakatholi lutho."Kepha uMndebele uphikelele wathi bayithumele incwadi yesikhalo kwi-IEC. Izolo ubusekhona umuzwa wokhetho ebantwini baseMandlankala njengoba iningi labo belisafake imifaniswano yezepolitiki futhi besaxoxa ngokhetho lwangoLwesithathu.
Izakhamizi zakule ndawo zithe zijabule ngemiphumela yokhetho.
UMnuz Mbongiseni Mthiyane, uthe kade ayelobizela ukuba kube noshintsho kule wadi.
Uthe okuphambili kakhulu kuye wukuthola indlu yomxhaso.
"Ngaphuthwa ngesikhathi abanye bezithola ngo-2011, yize ngangibhalisile. “Ngatshelwa ukuthi ngeke ifakwe layikhaya ngoba kunezintambo zikagesi ezinqamula egcekeni. Sekwaze kwathola ngisho imizi efikayo."