BAKHALE izinyembezi zenjabulo abasebenzi bakaMasipala waseNewcastle bebuyela emsebenzini emva kokumiswa iminyaka emithathu baze badlelwa impahla nezimoto.
Kuvela ukuthi ngo-2019 umasipala waxosha abasebenzi abangu-223 emva kokungaboni ngaso linye phakathi kwabasebenzi nomasipala ngenxa yemali yokusebenza amahora engeziwe.
Omunye wabasebenzi obemisiwe ohlanza umgwaqo, uNksz Zinhle Masango (40) waseMadadeni, uthe unenjabulo engachazeki ngokubuyela emsebenzini.
“Besiside kakhulu lesi sikhathi sihlezi emakhaya singaholi kanti sinemindeni esibhekile elindele ukuthi siyondle. Ngijabule kakhulu njengoba sibuyele emsebenzini kade ngalulinda lolu suku futhi bengingasathembi ukuthi luzofika,” kuchaza uNksz Masango.
Uthe kule minyaka emithathu engasebenzi ubesephila nokhwantalala olujulile ngoba kuningi okonakele emndenini wakhe kanti nempilo yakhe ibisifana nemile engayi ndawo.
“Izingane zami bekumele zingene enyuvesi kodwa azikwazanga ngoba ayikho imali ebingena endlini kanti nemoto yami yathathwa ngoba ngase ngihluleka ukuyikhokhela,” kuchaza uNksz Masango.
Uqhube wathi uyethemba ukuthi isimo sempilo sizoshintsha njengoba esebuyele emsebenzini futhi useneminyaka engu-12 eziphilisa ngeholo lokushanela imigwaqo.
Omunye wabasebenzi ongathandanga ukudalulwa, uthe ujabule ngendlela engachazeki ngoba side isikhathi ehlezi ekhaya kanti nekati belilele eziko ingekho imali engenayo.
“Besihlezi emakhaya singasebenzi. Ngaze ngadlelwa impahla yasendlini ngoba bengingasakwazi ukukhokha.
“Izingane bezifunda ezikoleni ezisedolobheni kwaphoqa ukuthi ngizikhiphe ngizibuyisele emakhaya,” kuchaza yena.
Uthe uzizwa ekhululeka emoyeni njengoba ebuyele emsebenzini futhi sekuzophela nokhwantalala.
IMeya kaMasipala waseNewcastle, uMnuz Xolani Dube, ithe umkhandlu uthathe isinqumo sokubuyisela abasebenzi emsebenzini ngoba icala belithatha kude kakhulu futhi belimosha imali yomkhandlu.
“Imali ebikhokhwa wumkhandlu emacaleni ibisikhathaza kakhulu futhi sathola imibono kwabezomthetho basitshela ukuthi icala lizosihlula ngakho kungcono senze ubulungiswa sibuyisele abasebenzi emsebenzini. Izinyunyana nazo zaveza ukuthi uma silokhu siqhubeka naleli cala kuzobukeka sengathi sicindezela abantu ngoba bengenayo imali yokuzilwela,” kuchaza uDube.
Uveze ukuthi njengoba abasebenzi bebuyele emsebenzini kulindeleke ukuthi bakhokhelwe imihlomulo yabo yonyaka owodwa okuzobiza umkhandlu imali engangoR250 million.