ABESIKHUNGO sabakhubazekile iNduduzweni Centre for Disabled esiseMhlabeni, eMlaza, bathi kubuye inhlansi yethemba izolo bevakashelwa wuSihlalo we-IFP kwaZulu-Natal ogaqele esokuba nguNdunankulu walesi sifundazwe, uMnuz Thami Ntuli.
Umphathi wesikhungo, uMnuz Themba Shiba, uthe akukho abangakwenzile ukuthola usizo kuhulumeni ukuze basizwe njengoba bentula yonke into esikhungweni.
Isikhungo uthe sigcine abantu abangu-40 abakhubazeke ngezindlela ezehlukene. Uthe yize kunabantu abaningi kangaka kodwa abanalutho bawusizi.
“Kusijabulisile ukufika kukaNtuli (Thami Ntuli) esikhungweni ngoba bese silahle ithemba lokuthi kukhona usizo esiyobuye siluthole kulesi sikhungo. Kumanje sinenkinga yokuthi isikhungo sifelwe ngamawindi, izicabha, kushoda ukudla nazo zonke izinsiza ezingakwazi ukusenza siqhubeke sisebenze ngendlela efanele. Kusuka ngo-2017 besilokhu sibhalela iminyango kahulumeni ehlukene sicela uxhaso kodwa akekho ongena indaba yethu. Sesize sabhalela ngisho nomasipala, izimeya ngisho nosomlomo komasipala kodwa asilutholi nhlobo usizo. Abanye bebefika babuke bese bethi basayohlanganisa amakhanda ukuze babone ukuthi bangasisiza kanjani kodwa kuvele kucwebe iziziba,” kusho uShiba.
Uthe kubamangazile ukuthi uNtuli ubefika okokuqala kulesi sikhungo wafika esephethe nezihlalo ezihamba ngamasondo wathembisa nokuthi uzoletha nezinduku zokuhamba.
Uthe kungokokuqala ukuthi kubekhona abakutholayo selokhu baqala ukucela usizo kuhulumeni, wathi uNtuli uthembisile ukuthi kukhona okuzokwenzeka ukubeka lesi sikhungo ezingeni.
Ekhuluma kulesi sikhungo uNtuli, uthe yena uqale ngokwenza ucwaningo lokuthi badingekani kusona ngaphambi kokuba eze khona.
“Uma sekuvotwa ngiyethemba niyazi ukuthi kumele nenzenjani ukuqinisekisa ukuthi iNkatha iyanqoba. Uma befika benithembisa ningabachithi namukele konke abakushoyo kodwa nenze okufanele uma sekumele kuvotwe,” kusho uNtuli.
UShiba uthe bona njengesikhungo esiku-ward 88 bayazi ukuthi ivoti labo liya kuphi. Wathi kungokwesibili behlangana noNtuli njengoba ayebabizele emhlanganweni lapho befike baveza khona izikhalo zabo wavele waqhamuka nosizo ngokushesha.