UNGQONGQOSHE wezangaPhandle uNksz Lindiwe Sisulu uthe bakulungele ukusiza abantu baseZimbabwe uma becelwa ukuthi bangenele.
“Sibafisela okuhle kodwa abantu baseZimbabwe. Siyafisa ukuthi izinhlelo zabo zokuvuselela umnotho zithele izithelo ezinhle. Uma sicelwa ukuthi silekelele sizongenela. Ubuhlobo bethu buthi siya ezweni elithile uma siceliwe ukuthi silekelele,” kusho uNksz Sisulu.
Ukhulume emuva kokuthi ngoLwesibili isitolo sezimpahla i-Edgars, ezokudla iTeta, KFC, St Elmos Zimbabwe neCorky’s Pub and Grill zitshele amakhasimende azo ukuthi zizovala maduze. Maphakathi nezwe eGweru, isitolo sezimpahla iTruworths sivalile bangasho ukuthi sizovula nini.
Umnotho waseZimbabwe uyantenga, izinkampani eziningi zivaliwe, amabhange asebenzisa ama-dollar ase-United States kwazise imali yaseZimbabwe igcine ukusebenza ngo-2009.
Izinga labaswele umsebenzi liku-90%.
Kuvela ukuthi iZimbabwe ayikwazi ukukhokhela izikweletu zayo, kunzima nokuthi ibolekwe imali emazweni angaphandle.
Kuleli sonto kuthiwa intengo yokudla inyuke ngezinga eliphezulu namanzi athunyelwa kubantu ancishisiwe. Umuntu emunye kufanele asebenzise amabhodlela amahlanu
awu-500ml ngosuku.
Ibhodlela elingamalitha amabili libiza uR139 okuyintengo ephindwe kane uma iqhathaniswa nentengo yamafutha eNingizimu Afrika.
UMengameli waseZimbabwe uMnuz Emerson Mnangwagwa uthe bekufanele anyuse intela yempahla ethengwayo ngo-2% ukuze avuselele umnotho waseZimbabwe owayo. Emuva kwesinyathelo sikaMnangagwa izitolo zivele zavala.