KHETHA SANGWENI
UMHLAZIYI wezepolitiki uSolwazi Bheki Mngomezulu uthi iNingizimu Afrika, ibuye ivele njengezwe elibuthaka nelincetheza kakhulu kwamanye ekubeni inemigomo ecacile. UMngomezulu ofundisa ezepolitiki e-University of Western Cape, ubephawula ngesimo esikhona esithinta elakuleli, iRussia ne-U.S.
Elakuleli lizithola lisenkingeni njengoba lizoba nengqungquthela yamazwe eBRICS ezohanjelwa wuMengameli waseRussia uVladimir Putin okuthiwa kufanele aboshwe uma efika. INkantolo yoMhlaba (International Criminal Court) ICC yakhipha umyalelo wokuthi uPutin aboshwe.
UMngomezulu uthe elakuleli lenza kahle kakhulu ngokuthi lingayingeni indaba yempi phakathi kweRussia ne-Ukraine.
“ Lapho babelandela umgomo wezangaphandle kuleli wokuthi bangathathi hlangothi. Ngesikhathi kuvela izinsolo zokuthi sasiza iRussia ngezikhathi wabuye waxolisa lo owayesho lokhu, kwakungafanele thina sitatazele, kwakungafanele sithumele abantu beyochaza e-U.S , siqale nophenyo,’’ kusho uMngomezulu.
Uthe lokhu kudale i-U.S ukuthi ibone ukuthi izwe libuthaka sebezovele basabisa ngayoyonke indlela besonge ngokulikhipha kwi-AGOA. Uthe iNingizumu Afrika kufanele ime iqonde ithi ngqo, ingambophi uPutin okungcono iphoxe iNkantolo yoMhlaba kunokujikela uPutin.
Kuyimanje uMengameli uCyril Ramaphosa nabanye omengameli abahlanu bakuleli lizwekazi i-Afrika, okubalwa owase Egypt, Congo, Zambia, Senegal, bahambele e-Russia nase Ukraine ukuyoxoxisana nalamazwe ngempi eqhubekayo. Ungqongqoshe wezangaphandle e-Ukraine usebadonse ngendlebe ukuthi bangazami ukubafaka umbono, lelizwe elingahambisani nawo ngoba ngeke livumelane nabo. Kodwa uthe bavumelekile ukuza kulelizwe.
Yize iNingizimu Afrika isatshiswa ngoswinyo yi-Melika kodwa uNgqongqoshe wezangaphandle kuleli uDkt Naledi Pandor uthe bona ngeke baguquke emgomeni wakuleli wezangaphandle futhi ngeke bavume ukuthi bakhethiswe ukuthi basekela bani kulengxabano ekhona phakathi kweRussia ne-Ukraine.
Njengoba uMengameli esehambile nethimba lakhe bazithole besenkingeni sebefika ePoland, njengoba indiza yabo neyalabo ebebehamba nabo bengavumelekanga ukwehla, lokho okufaka engcupheni ezokuphepha zikaMengameli.