ZITHELA izithelo izinhlelo zokusiza abantu abahlala emawadini ahlukene eNquthu, abasalindele ukuya emanyuvesi futhi abangawatholi amathuba omsebenzi ngesikhathi bethola ngezincwadi zokushayela.
Kuchichime injabulo ebantwini abasha izolo ngesikhathi umasipala oholwa nguMnuz Lindokuhle Shabalala, ubanikeza izincwadi zokushayela abangu- 38, abaphuma emawadini ahlukene.
Ekhuluma neSolezwe uMeya uShabalala uveze ukuthi uhlelo baluqale ngonyaka odlule futhi abangabheki izizathu kodwa bahlose ukuthi kuhlomule abantu abasha abangaphansi komasipala wabo.
“Sihlela ukuthi abantu abasha uma besahlezi emakhaya bengenzi lutho, sivule amathuba afana nalawa ukuze basizakale. Intsha esizitholile izincwadi isingakwazi ukuhamba ngoba sekungavuleka iminyango ehlukene, ikwazi ukubeka isinkwa emakhaya. Laba abathole izincwadi zabo namhlanje sasibakhethe ngonyaka odlule, kuzothi ngiDisemba 1, siphinde sithathe abanye futhi,” kuchaza uShabalala.
Abantu abasha abehlukene bakhulume neSolezwe ngemva kokuhlomula ohlelweni bathi kubuya ithemba ukunikezwa kwabo izincwadi njengoba kukhona lapho bezofaka khona izicelo zomsebenzi ezidinga izincwadi.
UtShabalala uthe kuleli sonto babe nezinhlelo ezahlukene njengoba bevule imigwaqo akade beyilungisa emawadini amahlanu. Uthe banikela ngamavawusha okudla emindenini engu-20.