KUKHULEKELWE isihlava sokuzibulala kwindumezulu yenkonzo ebise-INkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini muva nje.
Le nkonzo ibizinyaziswe ngabefundisi bamahlelo ehlukene ebebeshiyelana inkundla bekhuthaza nabantu ukuba baphumele obala ngezinkinga ezibakhungethe emindenini yabo kunokuba bakhethe ukuzibulala.
Le nkonzo beyihlelwe yinhlangano Ungazibulali ekhona kuzona zonke izifundazwe eNingizimu Afrika.
Le nhlangano yaziwa kakhulu ngezinhlelo zokulekelela abaswele ngezindlela ezahlukene.
Kuvelile kule nkonzo ukuthi inhlosongqangi yayo ukubuyisa ithemba kubantu ukuze bangazibulali.
Umsunguli wale nhlangano, uNkululeko Khanyi uveze ukuthi wayisungula ngemuva kokuba naye ecishe ezibulala.
Echaza ngalokhu uthe : "Nami ngingomunye wabantu abacishe bazibulala ngenxa yezimo ezahlukene engangizithola ngibhekana nazo empilweni yami. Ngazama ukuzibulala kwaze kwaba kabili. Ngiyambonga uNkulunkulu ngokuthi wangilonda.''
Unxuse osomabhizinisi ukuthi bayeseke le nhlangano nangoxhaso lwemali ukuze iqhubeke nezinhlelo zokubuyisa ithemba kubantu baseNingizimu Afrika.
Uthe ukholwa ukuthi le nhlangano ingasebenza kahle kakhulu uma ingase ithole ukwesekwa ekudingayo.
"Iqiniso lithi le nhlangano kunesidingo esikhulu sokuthi ibe khona kulesi sikhathi esikusona. Ziningi izizathu ezidala ukuthi abantu bagcine sebecabanga ngokuzibulala,'' usho kanje.
Abazalwane ebebekule nkonzo bebevela ezifundazweni ezahlukene eNingizimu Afrika.