IZINKINGA zokuphucwa uxhaso kwezitshudeni kanjalo nezithinta ukungakhokhelwa kwemihlomulo kwezixhaswe yiNational Students’ Financial Aid (NSFAS), zimise nse ukufunda emanyuvesi ahlukene kuleli.
ENyuvesi yaseZululand, oNgoye, kumiswe ukufunda izolo nanamhlanje ukuze kulungiswe izinkinga zesikhwama sezitshudeni, iNSFAS.
Umyalezo okhishelwe yizitshudeni ezinkundleni zokuxhumana oNgoye, uveze ukuthi emva kwezingxoxo nomkhandlu wezitshudeni, inyuvesi inqume ukumisa ukufunda ngoLwesine nangoLwesihlanu, ukuze izitshudeni ezingakayitholi imihlomulo yazo kwiNSFAS zikwazi ukuyohlwaya usizo.
Uthe lezi zitshudeni zizothola ithuba lokuthi zixhumane nehhovisi elibhekele lesi sikhwama.
“Izitshudeni zingakwazi ukuthola ukuthi zilutholile uxhaso ngokuvakashela isizindalwazi seNSFAS. Zingaya nakulabo abamele i-eZaga enyuvesi ukuyothola usizo kulezi zinsuku,” kusho umyalezo wenyuvesi.
Okhulumela inhlangano emele imikhandlu yezitshudeni emanyuvesi i-South African Union of Students’ (SAUS) u-Asive Dlanjwa, uthe izitshudeni ziyaveva ngenxa yokuthi ezinye zazo ziphucwe uxhaso ekubeni phambilini zazixhasiwe.
Uthe nohlelo olusha lokukhokhela izitshudeni ngqo kuma-akhawunti asemabhange lunezinkinga.
“Sizwile ukuthi izitshudeni ezibalelwa ku-10 000 ebeziphucwe uxhaso yiNSFAS seziphinde zaxhaswa. Kuyacaca ukuthi lesi sikhwama senze iphutha sase silungisa leyo nkinga.”
Uthe bayayeseka imibhikisho eqhubeka ezikhungweni ezehlukene ngenxa yezinkinga ezithinta iNSFAS.
Akuyona kuphela iNyuvesi yaseZululand enenkinga yezitshudeni ezixhaswe yilesi sikhwama njengoba naseNyuvesi yaseFree State, kuqale isiteleka sezitshudeni ezikhala ngokungayitholi imihlomulo yazo kwiNSFAS.
EDurban University of Technology (DUT) ezinye izitshudeni ebezibhikisha izolo, zivimbe ezinye ebezizama ukungena zikhala ngezinkinga ezifanayo ezithinta iNSFAS.
Kulindeleke ukuthi kube nomhlangano namhlanje kule nyuvesi ukulungisa izinkinga zezitshudeni.
ENyuvesi iNorth West abaphathi bamise ukuthi izitshudeni zizofundela kulesi sikhungo kuleli sonto emva kwezinkinga ezithinta lesi sikhwama.
Nezitshudeni zaseNyuvesi yasePitoli, zimashele ukuphucwa koxhaso lweNSFAS kwezinye izitshudeni kanjalo nezinkinga zokungayitholi imihlomulo yazo kulesi sikhwama.
AbeNSFAS kuleli sonto bakhiphe isitatimende lapho bethe sebekhokhele izitshudeni ezingu-98 710 zasemakolishi amakhono amaTVET, imali yokudla, izinsiza zokufunda nemali yokugibela.
Sithe lesi sikhwama sijube abasebenzi ezikhungweni ezehlukene ukuyosiza lapho kunezinkinga khona.
“Sizoqhubeka nokusebenzisa uhlelo olusha lokukhokhela izitshudeni. Ngeke siphazanyiswe yimizamo yokulubeka kabi lolu hlelo olusha,” kusho lesi sikhwama.