KUNGASE kuphoqe ukuthi aboMkhonto weSizwe Party bayolola abanye abaholi abazolungela ukuba seqhulwini lohlu lwasePhalamende kuleli qembu emuva kokuthi iNkantolo yoMthethosisekelo ichithe uJacob Zuma.
IJaji Leona Theron laseNkantolo yoMthethosisekelo, ngoMsombuluko, likhiphe isinqumo esichitha uZuma. I-IEC yayimemezele ukuthi uZuma akafanelwe wukuba sohlwini lwasePhalamende ngoba walahlwa ngecala wagwetshwa.
Udaba luhambe lwaze lwafika eNkantolo yoMthethosisekelo ekhiphe isinqumo yathi uZuma neqembu lakhe bangasifaka isikhalo kuyona.
UZuma ubephezulu ohlwini lwe-MK lwasePhalamende futhi ubuso bakhe busazoqhubeka buvele emaphepheni okuvota. Uhlu lwe-MK lugqishe amagama angenasigqi kangako kwezepolitiki.
Uhlu luphinde lube negama likaNkk Duduzile Zuma-Sambudla oyindodakazi kaZuma nohleli kunombolo 18. Ukuchithwa kukaZuma kusho ukuthi i-MK inezikhala ezimbili ohlwini - esikaMnuz Jabulani Khumalo owaxoshwa nesakhe uMsholozi.
Kufanele i-MK ivale izikhala ePhalamende emuva kokhetho uma izitholile izihlalo.
Abahlaziyi bezepolitiki bathe kufanele i-MK ibheke ukuthi ifaka abantu abanjani ePhalamende ukuze iqinise ikhokhasi yayo. Umhlaziyi ozinze e-UKZN uMnuz Zakhele Ndlovu, uthe abe-MK kufanele bafake abantu abanohlonze.
UNdlovu ukhulume ngegama likaMnuz Nathi Nhleko osanda kujoyina i-MK esuka kwi-ANC. Kukhona ezikhulunyelwa phansi ezithi uNhleko angase angene ePhalamende.
“Isinqumo senkantolo asibalimazi kakhulu ngoba uZuma usazoqhubeka avele ephepheni lokuvota. Abantu abaningi vele beze ngaye uZuma kwi-MK. Kufanele bathole umuntu onohlonze njengaye uNhleko osemdala epolitikini nonesipiliyoni,’’ kusho uNdlovu.
UNhleko uthintiwe ngalokhu, wakuhleka usulu wathi amampunge nje akhulunywa abantu.
“Angikho ngisho ohlwini lwasePhalamende futhi akungikhathazi lokho. Nginikwe umsebenzi wokuba wumgqugquzeli kuzwelonke, ngimatasa nawo,’’ kusho uNhleko.
Umhlaziyi wezepolitiki uSolwazi Bheki Mngomezulu, uthe isinqumo senkantolo asisho lutho olutheni kwi-MK.
“Ngeke kushintshe ukuthi ubuso bukaZuma buzoba sephepheni lokuvota. Kuyakhathaza khona ukuthi akekho umuntu onohlonze ohlwini lwasePhalamende kodwa isigungu esiphezulu okufanele siqine silungise lolu daba,’’ kusho uMngomezulu.
Okhulumela i-MK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe uZuma nobuholi beqembu bazobonana nabameli bese bukhuluma nezwe emuva kwalokho. UNdhlela ushiye angalazi emajajini ewasola ngokuchema nokwenzelela.
Uthe akudikizi ngisho inqulu kubona ngesinqumo senkantolo kodwa sibanika omkhulu umdlandla wokuthi baqhubekele phambili.