SEKUQUBUKE ingebhe ezikoleni zaKwaZulu-Natal, kubheduka isifo “samatele” esihlasele ezinye zezikole eThekwini.
Lesi sifo esithelelanayo sihlasele kakhulu abafundi basemabangeni aphansi kanjalo nasezinkulisa.
Babalelwa ku-117 abasahlaselwe yilesi sifo selokhu sibhedukile ezikoleni ezinhlanu ePhoenix, Greenwood Park naseMhlanga, eThekwini. Ziyishumi izinkulisa osekutholwe kusona lesi sifo.
UNobhala wenyunyana yothisha i-Sadtu esifundazweni, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe bakhathazekile ngokubheduka kwalesi sifo kwezinye zezikole eThekwini.
“Okukhathaza kakhulu ngukuthi ezinye izikole kazinawo nhlobo amanzi, ekubeni kudingeka kuhlanzwe izindawo zabafundi kuphinde kugezwe nezandla. Sibheduka nje, noMnyango wezeMfundo kawunamali yokunika izikole ukuze zikwazi ukuthenga izinsiza ezingasiza uma kuhlanzwa izandla ukuze singabhebhezeleleki,” kusho uNksz Caluza.
UNksz Babongile Mhlongo wophiko lwezifo ezithathelanayo eMnyangweni wezeMpilo esifundazweni, ucashunwe kwi-SABC, ethi lesi sifo “samatele” kasifani nalesi esihlasela izilwane.
“Sihlasela izingane ezincane njengoba abahaqekile besezikoleni zamabanga aphansi nasezinkulisa. Sidlanga ngesikhathi sasehlobo noma uma sekusondele ubusika.
“Siyakwazi ukuziphelela kodwa abazali abazihambise izingane zabo kodokotela nasemitholampilo uma zinezimpawu zomkhuhlane, ubuhlungu bomphimbo, ukukhathala, ukungakuthandi ukudla namabhanyaza abuhlungu,” kusho uNksz Mhlongo.
Uxwayise ukuba angaqhumbuzwa amabhanyaza abanalesi sifo ngoba abuhlungu.
“Izindawo ezihlaselwa yilesi sifo yisemlonyeni, isezihlakaleni, kanjalo nasezithendeni. Sidlulela komunye umuntu ngoketshezi olusemlonyeni noma ekhaleni, kanjalo nasezindaweni ezisetshenziswa abantu abaningi.
“Lesis sifo siqala ukuziveza ezinsukwini eziphakathi kwezintathu kuya kweziyisikhombisa, kanti sihlala emzimbeni izinsuku eziyisikhombisa kuya kwezingu-10.”
Uveze ukuthi lesi sifo asithathelani sisuka ezilwaneni siye kubantu, wanxusa abazali, izingane nothisha ukuba baqikelele ukuthi bawasha izandla ngaso sonke isikhathi, bangavumeli izingane ukuthi zisebenzise amathoyizi awodwa.
Umnyango unxuse abazali ukuthi bagcine izingane ezinalesi sifo emakhaya zize zibuye uma sezingcono.
Unxuse nokuthi kwehliswe amaphaphu nakuba kunokukhathazeka ngokunyuka kwesibalo sabahaqekayo.
Umnyango uveze ukuthi lesi sifo sitholakala nanoma ikuphi kuleli.
Okhulumela umnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Muzi Mahlambi, ucele ukuthi kuphawule abezempilo ngalesi sifo.
UMasipala weTheku uthe usiqaphile isimo ngemuva kokubheduka kwalesi sifo.
Unxuse abahaqekile ukuthi bathole usizo lwezempilo.
“Sibe nohlelo lokucija abahloli nothishanhloko bezikole ngalesi sifo. Sihlele nokuqeqesha abezempilo ngaso. Uphiko lwezifo oluthethalayo emkhandlwini luzovakashela izikole nemiphakathi siyoqwashisa ngalesi sifo, siphinde sigqugquzele inhlanzeko,” kusho umasipala.