UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo usugqugquzele umphakathi ukuthi uphawule ngezinto ongahambisani nazo emigomeni yezikole ekhishelwe umphakathi ukuthi uphawule ngayo, ethinta ukulungiswa kwezikole kuleli.
Lokhu kulandela umsindo ezinhlanganweni ezehlukene kwezemfundo ezikhale ngokuthi kule migomo okumele kuphawulwe ngayo, umnyango ubalekela ukuzibophezela njengoba ususe umnqamulajuqu wokuthi uqede ngezinto ezifana namathoyilethi emigodi, ukuhlinzeka ngemitapo yolwazi kuzona zonke izikole, ukuhlinzekwa kukagesi namanzi kanjalo nezinye izinto.
I-Equal Education (EE) isanda kumasha ikhala ngokuthi kumele kubuyekezwe le migomo ngokuthi kuqhutshekwe neminqamulajuqu eyabekwa ngesikhathi kusayinwa eminye yemigomo.
Namhlanje le nhlangano izomashela emnyangweni wezemfundo e-Eastern Cape, iyokhala ngale migomo.
Okhulumela uMnyango weMfundo eyisiSekelo uMnuz Elijah Mhlanga, uthe basazimisele ngokulungisa ingqalasizinda ezikoleni wathi akukho abakubalekelayo ngoba ingqalasizinda isemahlombe eminyango yezifundazwe.
“Silule isikhathi sokuthi umphakathi uphawule ngale migomo kuze kube nguJulayi 31, 2022. Sisengasilula isikhathi ukuze umphakathi uthole ithuba elanele lokuthi uphawule. Esikufunayo wukuthi wonke umuntu alithole ithuba lokuphawula ngale migomo,” kusho uMhlanga.
I-EE ithe ngo-2013 ngesikhathi imigomo ethinta izikole isayinwa iba semthethweni kwabekwa umnqamulajuqu wokuthi ngo-2016, zonke izikole zibe sezinogesi, amanzi kanjalo namathoyilethi asesimeni esifanele.
Ithe kwakumele kuphele u-2016 sezivuselelwe kabusha izikole ezakhiwe ngodaka, itsheboya nothayela. Iqhube yathi ngo-2023 zonke izikole kumele zibe sezinamalaboratory, kuthi ngo-2030 zonke izikole zibe namahholo, izinkundla zemidlalo kanjalo nayo yonke ingqalasizinda.
“Sikhalile ngokuthi sincane isikhathi esinikwe sona sokuthi siphawule ngale migomo. Sikhathazeke ngoba umnyango ufuna ukususa imibandela eyabekwa ngumthetho yokuthi zonke izikole zibe sezinayo yonke le ngqalasizinda ngesikhathi esithile,” kusho i-EE.
UMhlanga uthe njengoba izikole zihlukene ngokuthi zakhiwa nini, ezinye ziba ndala zidinge ukuthi kuphinde kulungiswe ingqalasizinda.
“Isimo sishintshile, kuncishiswa isabelo semali kodwa kumele siqikelele ukuthi sihlinzeka ingqalasizinda ezikoleni. Sisazibophezele ekutheni sihambisane nemigomo ethinta umqulu wokuthuthukiswa kwezwe kuleli obeke umnqamulajuqu wokuthi izinto ezithile kumele kushaye isikhathi esithile sezenziwe.”
Uthe yize uhlelo lokuthuthukisa ingqalasizinda benalo kodwa ludinga imali.Umphakathi ungaya kuwww.education.gov.za ukuzeukwazi ukuphawula.