SINGASE sivalwe noma yinini isikole sabakhubazekile kwa-V, eMlaza, iMasons Lincoln Special School, esaziwa ngokuthi iseMalandeni.
Kuthiwa isikole singase sithuthelwe eManzimtoti.
Izindaba zivele ngesikhathi isikole sivakashelwe yiMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, ogubhe usuku lweValentine nabafundi baso, ngoLwesibili.
Phakathi kwezinkinga okuvele ukuthi zikhungethe isikole, wukuthi sakhiwe endaweni eyayikade iwumtholampilo phambilini, nokwenza singabi sesimeni esifanele.
Ethula inkulumo yakhe uNkk Gumede uthe bazoqinisekisa ukuthi abafundi besikole bazogcina bethuthelwe endaweni ephephile njengoba kusho umnyango wezemfundo.
“Siwuhulumeni sizoqinisekisa ukuthi ubalulekile noma ngabe ukhubazekile. Kuyo yonke iminyango kahulumeni sekushaywe umthetho othi akube khona noma oyedwa umsebenzi okhubazekile, pho yini engenza singayikhathaleli imfundo yabo,” kusho uNkk Gumede.
Uthe ukhethe ukuyogubha usuku lwezithandani kulesi sikole ngoba ufuna ukukhombisa ukuthi abafundi babalulekile futhi bayathandwa.
UNkk Gumede ubephathele abafundi izipho ezinhlobonhlobo.
Okhulumela isigungu esengamele isikole, uNkk Noma-Arab Mvuyo, uthe njengoba isikole sisondelene nezindawo eziyimijondolo, kulula ukuthi abafundi bathole izinto ezingekho emthethweni njengezidakamizwa.
“Kule ndawo kuphinde kuxhunywe ugesi ngokungemthetho, izintambo zinqamula khona lapha esikoleni, lokhu kubeka impilo yabafundi engozini, singakujabulela ukuthi sithuthelwe endaweni evulekile ukuze nabafundi bakhululeke,” kusho uNkk Mvuyo.
Uthishanhloko wesikole, uNkk Happy Morolong, uthe isikole sinabafundi abawu-330. Ukuvakashela kweMeya kuyabathokozisa ngoba kuyakhombisa ukuthi iyafinyelela emphakathini.
UMnuz Scelo Khuzwayo, okhulumela uMnyango wezeMfundo kwaZulu-Natal, uthe sezimi ngomumo izinhlelo zokuthi isikole sithuthe kodwa ngeke akwazi ukuyidalula indawo esizothuthela kuyo njengamanje.
“Kuyiqiniso ukuthi umnyango uphezu kwezinhlelo zokuthi isikole sithuthe njengoba amabhilidi aso ayengakhelwe ukuthi kube yisikole. Indawo esizoyithola sizoqinisekisa ukuthi inezinsiza ezanele, izinkundla zemidlalo namagumbi okulala asesimeni sokuhlala abantu abakhubazekile.”