IZOKUBE ihanjelwe ngabaculi abehlukene indumezulu yenkonzo yomkhuleko ehlelwe nguMphrofethi Zakhele Dlamini odume ngeleKhosi.
Le nkonzo izokube ingomhlaka-06 ku-Ephreli, eCinema eMlaza. Phakathi kwabaculi abazoba yingxenye yale nkonzo kubalwa uBabo, uSgwili, Andile Mbili, Abanqobi, IThimba le-Afrika, yi-Amazing Grace ukukha nje phezulu.
Izoqala ngehora lesishiyigalombili ekuseni ize iphele ngezithuba zantambama.
Ngokusho kukaDlamini inhloso enkulu yayo ukukhulekela abantu abazithola bebhekene nezimo ezinhlobonhlobo empilweni.
Uthe lo mkhuleko uzobe ungakhethi iphela emasini njengoba uzohlanganisa abantu abavela emabandleni ahlukene.
Uveze ukuthi balindele abantu abavela ezingxenyeni ezahlukene zeKwaZulu-Natal kanti ubugcizelele ubukhulu besasasa la lomkhuleko.
"Ziningi kakhulu izinkinga abantu bakithi abazithola bebhekene nazo. Yingakho sibone kungcono ukuhlela lolu hlobo lomkhuleko,'' usho kanje.
Phakathi kwabantu athe balindelekile lapha yilabo abangasebenzi, abahlushwa yizifo ezahlukene nalabo ababhekene nezingqinamba emindenini yabo.
"Iqiniso elimsulwa lithi ziningi kakhulu izinkinga abantu bakithi ababhekene nazo. Siyathemba ukuthi ngalo mkhuleko kukhona okuzoqaqeka,''usho kanje.
Uchaze umkhuleko njengethuluzi elinamandla okunqoba nanoma yini ema endleleni yomuntu.
“Sifuna abantu bakithi bahlome ngomkhuleko basebenzise wona ukunqoba zonke izinkinga abazithola bebhekene nazo,'' echaza.
Ukuvezile ukuthi minyaka yonke baye babe nalo luhlobo lwenkonzo athe ukholwa ukuthi luhamba ibanga elide ekulapheni abantu.