NKOSIKHONA CELE
WENZE isibophezelo sokuthi bazophathwa kahle abazalwane abasha abajoyina ibandla aliholayo, uMbhishobhi Phumlani Dlamini, Isibusiso Ibandla leNkosi Baptist Church in Zion of Southern Africa.
Lesi sibophezelo uDlamini usenze kwindumezulu yenkonzo yokwamukelwa kwamalungu amasha. Inkonzo ibisehholo lomphakathi eMaromeni, eNewcatsle.
Leli bandla belikade lijoyinwa nguMbhishobhi VJ Shongwe namanye amalungu afike nawo.
Lena bekuyinkonzo enkulu ebiyenzelwe ukuba bamukelwe kahle futhi nabo bazizwe bamukelekile.
Ekhuluma ebhekise kubona uDlamini uthe : "Siyabonga kakhulu ngokuthi nibone kungcono ukuba leli kube yilona bandla enilijoyinayo. Akusikhona ukuthi singcono kodwa kuyacaca ukuthi niholwe umoya kaNkulunkulu uqobo. Okwethu nje ukuqinisekisa ukuthi asenzi ukuba nizisole ngokujoyina leli bandla.''
UDlamini uthe kumhlabe umxhwele ukubona ibandla aliholayo lijoyinwa ngamalungu amasha eholwa ngumholi osenokhakhayi oluqinile njengoMbhishobhi Shongwe.
Uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokukhula kwaleli bandla njengoba ethi bafuna ukulibona liba namalungu amaningi futhi lisabalala nasezweni lonke.
Konke lokhu uthe kungaba lula ukuba kwenzeke inqobo nje uma kwanda ukusebenzisana nokubambisana okuhle phakathi kobuholi bebandla.
UMbhishobhi Shongwe uthe kuningi okuhle okudale ukuthi abone kungcono ukuba ajoyine Isibusiso Ibandla LeNkosi.
Uncome ubuholi bebandla wathi bubonakala buyazi kahle into obuyenzayo nobuphokophelele kuyona.
Wathi yingakho ke nje engazange ananaze ukuthi naye abe yingxenye yalo.
Kule nkonzo bekukade kukhona noMfu Thulani Manana uqweqwe lomculi waseZayoni osenamava nosezakhele udumo.
Le nkonzo ibihanjelwe ngabazalwane baKwaNongoma, Swatini, oPhongolo naseGoli. Bekukhona nebandla iTwelve Apostolic Church ngaphansi kukaMbhishobhikazi Zungu.