UZOKWAMUKELWA ngendumezulu yenkonzo yibandla asanda kulijoyina umculi wokholo osezakhele igama ngomculo waseZayoni.
Umculi uNtombifuthi Shongwe odume kakhulu ngelikaMamkhokheli uzokwamukelwa ngemfudumalo enkonzweni enkulu engoMeyi 25, oSizweni eNewcatsle.
Le nkonzo ihlelwe yibandla lakhe elisha alijoyinile Isibusiso Ibandla leNkosi Baptist Church in Zion of Southern Africa.
Umholi waleli bandla uMbhishobhi Phumlani Dlamini ukuqinisekisile ukuthi kuzokuba nalolu hlobo lwenkonzo.
Uthe isizathu salokhu wukuthi bafuna ukumamukela kahle lo mculi enkonzweni, naye azizwe emukelekile.
"Njengobuholi bebandla sibone kungcono ukwenza inkonzo yokuthi simamukele udadewethu.
“Siyathemba ukuthi lokhu kuzobe kusho lukhulu nakuyena.'' usho kanje uDlamini.
Eqhuba uthe kube yinto enkulu kubona ukujoyinwa wumculi osezakhele igama elikhulu emculweni weZayoni.
Uthe akangabazi nakancane ukuthi ukujoyinwa yilo mculi kuleli bandla kuzodala ukuthi linyuke nezinga lomculo kuleli bandla.
Lo mculi naye uthe ukujabulele kakhulu ukujoyina leli bandla wathi kuningi okuhle akuthandile ngalo.
Uveze ukuthi ubengakulindele ukuthi ubengaze enzelwe indumezulu yenkonzo yokumamukela ngokusemthethweni.
Lo mculi kuzokhumbuleka ukuthi waqala ukuzakhela udumo esacula neGalathiya ngo-2006. Wayedlisa ngengoma eyayisihloko sithi Imali yomntwana.
Waqopha umlando ngokuthi abe ngumculi wokuqala ngqa wesifazane waseZayoni ukucula ngayedwana kulolu hlobo lomculo.