ISIKHATHI sobumnandi singakubuyisela emuva uma ulwa impi yokuyeka izidakamizwa ngoba kulapho zisuke zixhaphake khona, okwenza kube lula ukulutheka kumuntu ozama ukuzigwema.
Abantu bavame ukuphuza utshwala njengendlela yokuzikhokhela ngokusebenza kwabo kanzima. Bakholwa wukuthi kufanele benze into ezobenza bazibone bejabule.
Senyukile isibalo sabantu abasenzisa izidakamizwa eNingizimu Afrika. Ngokusho kwenhlangano eluleka ngezifo ezithikameza umqondo, iSouth African Depression and Anxiety Group (SADAG) izibalo ezisanda kukhishwa ziveza ukuthi iNingizimu Afrika ingelinye lamazwe awu-10 anesibalo esiphezulu sabantu abasebenzisa utshwala budedengu nabasebenzisa izidakamizwa. Phezu kwalokhu izigameko eziningi zezingozi zezimoto zidalwa ukusetshenziswa budedengu kotshwala nezidakamizwa.
Umqondisi wezinhlelo kwiSADAG, uNksz Cassey Chambers, uthe ngisho kungathiwa abantu basebenzisa utshwala noma izidakamizwa noma amaphilisi abawathole kudokotela ngoba befuna ukubhekana nanoma yiziphi izinkinga ngezikhathi zobumnandi kufanele bazi ukuthi lokhu ngeke kubenzele lutho oluhle.
Uthe akubasizi ikakhulu abantu abanenkinga yokusebenzisa izidakamizwa nabasebenze kanzima unyaka wonke bezama ukulwa nenkinga. Ukhuthaze labo abalwa nenkinga yokusebenzisa izidakamizwa ukuthi baqhubeke.
“Ungayekeleli umsebenzi ongaka osuwenzile kula masonto awu-50 adlule ngenxa yamasonto amabili, lokhu akubona ubuhlakani. Khona manje sekubuyelwa emsebenzini, akumele ubulale impilo yakho ngamasonto amabili,” kusho uNksz Chambers.
Ukuze basizakale abantu abanenkinga yokumelana nempi yokuzama ukuyeka izidakamizwa bangathinta uphiko lweSADAG neloMnyango wezokuThuthukisa uMphakathi olubhekele ukusiza abanenkinga yokusebenzisa izidakamizwa ku-0800 12 13 14. Abadinga usizo bangathinta le nombolo noma yinini.
Ungoti owelapha izifo ezithikameza umqondo, uDkt Michael Niss, uthe amaholidi anika abantu ithuba lokuphumula kodwa aphinde alethe izilingo kulabo abalwa nokusebenzisa izidakamizwa. Kumele umuntu aqaphele ukuthi awadluli naye. Kumele umuntu azinakekele ngaso sonke isikhathi.
“Amaholidi awagcini kuphela ngokunika abantu ithuba lokuphumula kodwa aphinde alethe ithuba lokuhlala nomndeni nokuba semicimbini nesikhathi esithe xaxa sokuphuza utshwala. Okubalulekile wukuthi uthathe izinto kancane kancane futhi ungakuvumeli ukuthi ugxile kosekwenzekile nokungenzeka,” kusho uDkt Niss.
Kukholakala ukuthi * -50% wabantu abatholakala benokhwantalala nanoma yisiphi isifo esithikameza umqondo, basuke benenkinga yokusebenzisa izidakamizwa.
Abanye abanesifo esithikameza umqondo basebenzisa izidakamizwa ngenhloso yokulapha isifo sabo noma ukuthithibalisa izimpawu zaso.
Abantu abasebenzisa izidakamizwa ukwelapha izifo ezithikameza ingqondo bazibeka engcupheni yokugula kakhulu kokunye baze balaliswe esibhedlela.
Isikhathi esiningi abantu abasebenzisa izidakamizwa njengendlela yokuzelapha bona izifo ezithikameza umqondo basuke bekwenza ngoba besaba ukucwaswa.
Abanye basuke bezama ukumelana nokushonelwa, ukuphela kothando kwabekade bethandana nabo noma yisiphi isimo esinzima ababhekene naso. Bathi uma besebenzise izidakamizwa bazizwa benamandla okubhekana nempilo. Lawa kuba amandla esikhashana ngoba yonke imizwa abasuke belwa nayo ibuya injengoba injalo noma ibe nzima kakhulu kunalokhu abebekuzwa.
Izidakamizwa ezivame ukusetshenziswa wutshwala, insangu, i-cocaine nemithi ekhishwa wodokotela okubalwa kuyo amaphilisi ezinhlungu namaphilisi okulala.
“Izidakamizwa ziba yisisombululo sesikhashana kodwa izinkinga zingaxazululeki. Isikhathi esiningi abantu bagcina benezinkinga ezingaphezu kwalezo abebenazo bese bephinda beba nenkinga yokusebenzisa izidakamizwa ngaphezu kwazo zonke lezo zinkinga,” kusho uNksz Chambers.
Nakhu ongakwenza ukuzisiza ukuthi ungangeni ogibeni lokubuyela ekusebenziseni izidakamizwa:
Funda ukuthi cha, ucele nabangani bakho ukuthi bakweseke
Uma uya emcimbini zishayelele futhi uzitshele ukuthi uzozishayelela uma ubuya. Uma ufika emcimbini misa imoto yakho endaweni lapho ongezovalelwa kuyo ezinye izimoto ukuze kube lula ukuthi uhambe uma sewufuna ukuhamba.
Azi ukuthi yini eyenza ufune ukusebenzisa leso sidakamizwa ukuze ukwazi ukuyigwema? Qaphela kakhulu uma ulambile, udiniwe, unomzwangedwa nokukhathala
Iya emcimbini uphethe into ozoyiphuza. Uma kuwukuthi uthanda iwayini elihlohlozayo noma ichampagne phatha amanzi ahlohlozayo.
Gwema ukugcwalisa ingilazi uma ugcina uphuze uphuzo oludakayo ngoba ukugcwalisa ingilazi eyodwa kungaholela ekuphuzeni eziningi kunalezo obuzimisele ngazo.
Qaphela izimo ezikucindezayo noma ezikudalela ukhwantalala.
Uma usemcimbini thola into ezokugcina umatasa. Gwema ukuma eduze nalapho okuthengwa khona
iziphuzo. Kungcono ugxile ekuxoxeni nabantu noma ube nosizo kulowo owenze umcimbi.
Zihlele ngaso sonke isikhathi. Uma ungathandi ukuthi abantu bazi ukuthi ulwa nenkinga yezidakamizwa thola indlela yokubachazela ukuthi yini ndaba ungazimisele ngokuphuza noma ukusebenzisa izidakamizwa.
Uma uhalela izidakamizwa thola enye into ongayenza.