AKUCACI ngenkampani kasawoti osekusuke umsindo ngayo ezinkundleni zokuxhumana. Kuqubuke omkhulu umsindo emakhasini ahlukene ngempelasonto kuvela ukuthi kunenkampani egila izimanga ngokuqasha zonke izinsuku echwebeni laseThekwini.
Leli phephandaba lizamile ukuthola igama layo kodwa kalikho igama lenkampani elivezwa yilabo abakhuluma ngayo okuthiwa ikhiqhiza usawoti kuphela echwebeni.
Inkampani ebekuvela igama layo iphephandaba elingeke liyidalule okwamanje, ithe ayinalwazi ngalokhu. Ngesikhathi intatheli yenza uphenyo ithole abasebenzi ababili; owokuqala ovele wawaphika amahlebezi wadlulisela ucingo komunye. Owesibili; ukubeke kwacaca ukuthi ayikho inkampani abayaziyo kasawoti futhi abaqasheli echwebeni.
"Umuntu uletha i-CV, umazisi nesitatimende sasebhange uma ezofaka isicelo somsebenzi. Uyakushiya bese eshayelwa ucingo, ayikho inkampani kasawoti esemtateni. Kwenziwa izinto eziningi kabi la," kusho lo msebenzi.
Obekuhlaba abantu umxhwele ezinkudleni zokuxhumana yimali okuthiwa iholelwa abasebenzi, ngoba ngokujwayelekile abantu bavame ukukhala ngamaholo kodwa amahlebezi athi “le nkampani kasawoti” kuholwa uR400 ngosuku kuyo. Lokhu kudale impikiswano ezinkundleni zokuxhumana.
Abayikhulumayo ezinkundleni bathi nonyaka isinyuke ngoR200 okwenza kube wuR600 ngosuku. Okuchaza abantu kakhulu ukuthi iholo likhala esandleni uma uqeda ukusebenza, awulindi kuze kuphele isonto noma inyanga.
Ebuzwa ngalokhu umsebenzi, uthe kungamampunge lokho.
"Ayikho leyo nto, kuholwa emva kwamasonto amabili," kusho yena.
Yize kunjalo kodwa izakhamuzi zaseThekwini eziningi zilokhu ziqhubeka nokusabalalisa le mininingwane. Babodwa abakhala ngokuthi uhola kanye ungabe usavuka ngakusasa ngenxa yokukhathala.
Babodwa abathi mhlawumbe iholo elikhulu kakhulu lenza umuntu asebenze usuku olulodwa engabe esalubhada ngakusasa. Kuthiwa abanye abasebenzi bayashiya emuva kokuhola kanti babika izizathu ezahlukene.