ZIMKHALELE umfundisi ophinde abe wumsakazi webandla eliseRichmond Farm eLindelani, eduze naKwaMashu, iTower of Faith Ministry International, osolwa ngokukhothisa amantombazane asemancane umphambili wakhe.
Uphinde asolwe nangokudlwengula ephindelela wona amantombazane asemancane.
Ngokwamaphoyisa, mane amacala okudlwengula avulelwe le nceku okuhlale kukhalwa ngayo esimameni. Kuthiwa lo mkhuba wawuqala ngo-2015, eyenga amantombazane amancane akhuliswa wonina ngabodwana, ezenza odlala indima yokuba wubaba kuwona, bese egcina ezitika ngawo ngocansi.
Lo mfundisi (35) waseThekwini esingeke simgagule njengoba engakasho ukuthi uyalivuma noma uyaliphika leli cala, uphinde abe wumsakazi weVibe FM futhi udume ngokudla ukotini nokuba yincwasimende.
Kuvela ukuthi usindiswe amaphoyisa aseNtuzuma ngesikhathi umphakathi uthi awumudle umfele ngoLwesine ntambama.
“Ukube awafikanga amaphoyisa ngabe kukhulunywa ukuthi lo mfundisi okhohlakele ungqongqiswe netende lakhe. Abantu bangaKwaMaphalala bebevutha bhe, bedinwa wukuthi lo mfundisi useziqedile izingane zamantombazane ezimuncisa ubuntu bakhe. Bavele bahlangana ngoLwesine ntambama banikela etendeni lakhe elingaseThobile Primary. Kufanele abonge ukufika kwamaphoyisa,” kusho umthombo othi uzibonele ngowawo abantu becekela phansi itende futhi beshisa ezinye izimpahla.
Lo mfundisi oshadelwe, akucaci ukuthi bangaki abesifazane abasebancane abamvulele amacala, kodwa imithombo ithi baningi. Namaphoyisa awathandanga ukunaba kabanzi ngesibalo.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuboshwa kwendoda eneminyaka engu-35 ngamaphoyisa aseNtuzuma ngecala lokudlwengula. “Uzovela maduze enkantolo. Itende alishiswanga kodwa licekelwe phansi."
Isolezwe ngoMgqibelo lizifikele mathuba endaweni yesigameko, lifice itende lingasabonwa kodwa kunezinye izingcucu zalo ezishile kanti kunezinye izihlalo ebezibheke phezulu kubonakala ukuthi bekonakele.
Lolu daba beliwundaba mlonyeni kule ndawo kangangoba ngesikhathi Isolezwe ngoMgqibelo liye kule ndawo, abantu bebekhuluma ngalo ngisho emigwaqweni.
Bekungekhona okokuqala kukhalwa ngale nceku, eminyakeni eyedlule kuke kwakhalwa ngokuqonywa kwayo amantombazane asemancane ebandleni.
“Kwaba nezingane zamantombazane ezingu-10 ezaphumela obala ukuthi zithandana nalo mfundisi ngemuva kokuba kukhona ezashayana zibanga yena.
"Enye yayitshelwe wumngani wayo ukuthi umfundisi uzibhangqile, zase ziyalwa-ke,” kusho umthombo obudlula ngasenkundleni obekugxunyekwe kulo itende.
Ukusabalala kwamahlebezi okuthi kunezingane ezilwile zibanga umfundisi, kuthiwa yikho okwenza nezinye zaphumela obala ngokuthi nazo zithandana nazo.
Umphathi siteshi weVibe FM, uMnuz Lucky Dlamini, uthe bakhethe ukummisa emsebenzini wokusakaza lo mfundisi kuze kube kuyacaca ngalamacala abekwe wona.