SEKUQUBUKE izikhalazo ngezindleko eziphezulu zokuhlela nokusingatha inkulumongxoxo kazwelonke ngesimo sezwe.
Amaqembu ezepolitiki nezinyunyana zabasebenzi azifuni nokuyizwa eyesiphakamiso sokuthi uhulumeni uzosebenzisa u-R700 million, ukuhlela isithangami ngesimo sezwe.
Ikomiti elihlela lesi sithangami lisanda kuveza ukuthi kuzodingeka u-R700 million ukusihlela.
Amaqembu ezepolitiki nezinyunyana bathe le mali inkulu kakhulu, bathi ibingasetshenziselwa ukwenza izinto ezibalulekile.
Izinhlelo zokusingatha isithangami ngesimo sezwe zamenyezelwa uMengameli Cyril Ramaphosa, owabe eseqoka ikomiti labantu abangu-32 okuyilo elizohola izingxoxo.
Leli komiti lizoba nomhlangano omkhulu ngo-Agasti 15, bese kulandela imihlangano yomphakathi ezokuba sezindaweni ezahlukene.
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthe kuyamangaza ukuthi uhulumeni awunayo imali yokwelekelela abakhahlanyezwe yizikhulu KwaZulu-Natal kodwa unemali yokuhlela isithangami sikazwelonke.
"Lapha kuyokhulunywa nje kuphela. Bafuna ukusebenzisa u-R700 million ukuvula nje umlomo. Okubi imigwaqo namabhuloho awekho kodwa bona bafuna ukusebenzisa imali engaka. Bafuna ukuntshontsha imali. Asiyifuni inkulumongxoxo. Abathathe le mali bayothuthukisa ezemfundo. Sifuna kufundwe mahhala ezikhungweni zemfundo ephakeme."
ICosatu ithe uhulumeni akufanele uvume ukukhokha u-R700 million.
Okhulumela iCosatu ePhalamende, uMnuz Matthew Parks, uthe le mali inkulu kakhulu.
"Okusijabulisayo ukuthi uhulumeni akakayivumi, kuseyisiphakamiso nje sabantu abathile. Kuyashaqisa ukuthi kukhona abantu abangaba nesibindi sokuphakamisa ukuba kusetshenziswe imali engaka ukuhlela isithangami. Nakuba sihambisana nokuba kusingathwe inkulumongxoxo, asihambisani nokumoshwa kwemali. Sinethemba lokuthi uNgqongqoshe wezeziMali uzoqapha ngeso lokhozi ukusebenza kwemali. Abakhohlwe labo abacabanga ukuthi uhulumeni uzosebenzisa imali engaka ukuhlela inkulumo ngxoxo."
Okhulumela umengameli, uMnuz Vincent Magwenya, uthe akukavunyelwana ngemali ezosetshenziswa ukuhlela isithangami sikazwelonke.
"Le mali okukhulunywa ngayo kuseyisiphakamiso nje sekomiti elihlela isithangami. Uhulumeni uwona ozonquma ukuthi imalini ezosetshenziswa. Kusazoboniswana bese kuthathwa isinqumo ngesabelomali esizodingeka."
UMagwenya uthe uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, nguyena ozothatha isinqumo sokugcina ngalolu daba.
"Asikho isidingo salo msindo okhona njengamanje ngoba uhulumeni awukasithathi isinqumo."