UNGOTI wezomthetho uthi mancane amathuba okuthi inhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC), iphikise isinqumo esivumela owayengumengameli, uJacob Zuma, ukuba angenele ukhetho.
UMnuz Mpumelelo Zikala, weZikalala Attorneys, uthe kungaba lukhuni ukuthi i-IEC iludlulisele phambili lolu daba ngenxa yesikhathi.
“Inkinga enkulu ukuthi kune-timetable yokhetho, eshoyo ukuthi kufanele kwenzekeni, ngasiphi isikhathi. I-IEC iyona eyenza le timetable. Njengamanje i-timetable ithi i-IEC kufanele ishicilele uhlu lokugcina lwamagama abantu abazongenela ukhetho. Uma i-IEC ingathi ifuna ukusiphonsela inselelo isinqumo senkantolo lokho kungaphazamisa i-timetable.”
I-IEC ithe ifuna izizathu eziholele ekutheni iNkantolo yezoKhetho ivumele uZuma ukuthi angenele ukhetho.
Okhulumela i-IEC, uNksz Kate Bapela, uthe bakhuluma nabameli babo ukubheka ukuthi iziphi izinyathelo zomthetho abangazithatha.
Lokhu ukusho esitatimendeni abasikhiphe emva kwesinqumo senkantolo sangoLwesibili.
Inkantolo inqume ukuthi kwakungekho emthethweni ukukhishwa kwegama likaZuma ohlwini lwabantu abaya ePhalamende.
Igama likaZuma lalikhishwe emva kwezikhalo zabantu abathi akavumelekile ukuba abe ilungu lePhalamende ngenxa yokuthi useke wagwetshwa izinyanga ezingu-15 ebhadla ejele.
Umthetho awubavumeli abagwetshwe isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezingu-12 ukuba baphathe izikhundla kuhulumeni.
UBapela uthe basalinde ukuthi inkantolo ibanikeze izizathu zayo zokuvumela uZuma ukuba angenele ukhetho.
“Kubalulekile ukuthi inkantolo isinikeze izizathu zayo ukuze siqonde kahle ukuthi ifike kanjani kulesi sinqumo.”
UNksz Bapela uthe bebengakanqumi ukuthi bazosiphikisa yini isinqumo senkantolo.
“Njengamanje sixoxa nabameli bethu. Sizonquma ukuthi sizothatha ziphi izinyathelo uma abameli sebesilulekile. Kuzoba lula ukuthi basiluleke uma sesinazo izizathu ezenze ukuthi inkantolo ithathe isinqumo esithathile. Sinethemba lokuthi inkantolo izosinika izizathu ngokushesha, ukuze nathi sizokwazi ukuthatha isinqumo ngokushesha.”
Udaba lokukhishwa kwegama likaZuma ohlwini bese lususe umsindo njengoba kukhona amalungu eMK abesabisa ngokuthi kuzoba nodlame uma uZuma egcine engavunyelwanga ukuba angenele ukhetho.
UZuma uphezulu ohlwini lweMK lwabaya ePhalamende.