LUMI ngenhla usizi emndenini wabangu-33 eBismark, eDannhauser, okukhona nezingane ezingu-23, ohlala emzini wepulazi elidala.
Izingane zakulo mndeni azinawo ngisho umfaniswano wesikole ngoba abazali abasebenzi. UNksz Thuli Zulu, ongomunye wamalungu alo mndeni, uthe uma sekulalwa yilowo nalowo ufuna ikhosombana lokuzishutheka njengoba nefenisha ingabonwa. Uthe bahlala nonina nodadewabo wathi abayisikhombisa kubona banezingane. Yena unezingane eziyisihlanu ezineminyaka eyisishiyagalombili, isishiyagalolunye, 11, 17 neyokugcina eneminyaka eyisihlanu. Kodadewabo onguthunjana uneminyaka engu-25 kanti unezingane ezintathu.
“Ubaba wayesebenza epulazini abaqashi bakhe bamnika umuzi. Awusekho esimeni ngenxa yokuthi mdala. Ngenxa yokuthi sibaningi abanye balala phansi. Igilosa ayaneli akupheli ngisho inyanga ngoba sibaningi kakhulu,” kuchaza yena.
Uthe ezinganeni ezingu-23 zingu-12 ezifundayo. Uveze ukuthi zingu-15 ezihola isibonelelo sikahulumeni naso esingafiki ndawo. Phezu kwalolu sizi lo mndeni uhlala endlini engenawo ugesi namanzi kuleli pulazi iTwelveshaft.
“Siphuza amanzi angcolile asedamini esibuye siwashe sigeze nangawo. Sanikwa ithangi lamanzi kodwa nalo alisizi ngoba awafakwa amanzi. Kuyenzeka abantu basiphe amanzi ngezigubhu nawo aphelele obala,” kusho yena.
UNksz Zulu uthe kwake kwafika osonhlalakahle babheka isimo somndeni bathembisa nokusiza kodwa kwangenzeka. Uthe nekhansela liyazi ngodaba lwabo.
Muva nje lo mndeni uhlangane noMfundisi Prince Tee-Gee Nala weLife Changing Ministries ozama ukulekelela. UNala uwuhlabe wawulawula kuFacebook ngalo mndeni.
Utshele Isolezwe ukuthi wezwa ngabazalwane ngesimo salo mndeni.
“Ngafika ngathuthumela ngibona isimo ophila ngaphansi kwaso. Izingane azinawo ngisho umfaniswano. Ngisho noma kukhona ezihola imali yesibonelelo ngeke yenze lutho kulesiya simo ngoba nomuzi awukho esimeni,” kusho yena.
Uthe sekukhona abalekelelayo njengoba ngempelasonto ezohambisa igilosa.
UMnuz Mthunzi Mkhumane, oyikhansela, uthe sekunesikhathi eside bezama ukusiza. Uthe kusukela ngo-2014 kwangenela zonke izinhlaka neminyango kahulumeni.
“Kwafika ngisho uDkt Sibongiseni Dhlomo owayenguNgqongqoshe wezeMpilo wacela amakhosi ukuthi awunike indawo yokwakha. Umndeni wanqaba ukusuka epulazini. Siphinde sathatha omazisi siwukhuthaza nokuthi uhlele umndeni kodwa wangathanda ukuya emtholampilo,” kusho yena.
Uthe ithangi lalethwa umasipala kodwa inkinga yamanzi ngeyesifunda sonke.