KUSHAYISANE ubufakazi ngodaba lokushuthwa kommangalelwa ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa engagqokile ngesikhathi kubhekwa imidwebo emzimbeni.
Kushushiswa abalisa abahlanu ngokufa kwakhe kodwa bayawaphika wonke amacala ababhekene nawo.
UMbuso umile ekutheni abalisa abahlanu bayizinkabi ezathengwa kwasasazelwa ngazo uMeyiwa ukuthi zimuyise kwagoqanyawo.
Icala lisesigabeni lapho kubangwa khona ukuthi izitatimende zabamangalelwa zokuvuma icala kufanele yini zamukelwe njengobufakazi benkantolo. Abamangalelwa bathi basayina izitatimende ngoba bexinwe amaphoyisa ngesibhaxu ebavumisa ngenkani.
UNtanzi ungummangalewa wesibili kuleli cala, kuthiwa ungomunye wabangena endlini kubulawa uMeyiwa. Ithimba labameli ligibeze uNtanzi ebhokisini lofakazi ukuze achaze kabanzi ngokusayina kwakhe izitatimende.
UMshushisi woMbuso u-Advocate Ronnie Sibanda, ubuze uNtanzi ngezinsolo zokuthi wake wakhumula phambi kwamaphoyisa. UNtanzi uthe wacelwa wumphenyi uBrigadier Bongani Gininda ukuthi akhumule ukuze abheke imidwebo emzimbeni.
Kuthe esanda kuvuma uNtanzi, wamhila uSibanda wathi ummeli u-Advocate Thulani Mngomezulu watshela inkantolo ukuthi ummangalewa wenqaba ukukhumula.
“ NgoNovemba 7, 2023 uMngomezulu wathi wena wanqaba ukukhumula ngoba kwakukhona umuntu wesifazane. Ngizocela ukuthi uphawule kulokho,’’ kusho uSibanda.
“ Ngeke mina ngiphendule into eshiwo wuMngomezulu kodwa uGininda wathi angikhumule engibuza nenombolo yasejele ewu28 esemzimbeni wami. Anginayo leyo nombolo yasejele ngoba ngangiqala ukuboshwa Ngashuthwa izithombe ngikhumulile ngenhla. kusho uNtanzi.
Bekungaqali ukuthi kushayisane ubufakazi bommeli nommangalewa kuleli cala njengoba phambilini kwake kwenzeka lokhu. Bekulokhu kuvela ukushayisana kobufakazi, uNtanzi uvele athi ngeke akhulumele abanye abantu uzikhulumela yena.
Kuphoqeleke ukuthi icala liguqe emuva kokuvela kokuthi uMbuso unamaphepha angaphelele okufanele kube yinto elungiswayo. IJaji Ratha Makgoathleng lithe alithandi ukuthi kuqhutshekwe ngoba lizosolwa ngokwenzelela.