IQEMBU lepolitiki uMkhonto Wesizwe Party (MKP) lowayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma lithi alizimisele ngokwenza ubudlelwano ne-ANC eholwa wuMengameli Cyril Ramaphosa emva kokhetho.
Liveze ukuthi lizimisele ukusebenzisana namaqembu azovumelana nokuthi uMengameli Zuma anikwe ushwele kamongameli.
Okhulumela iMKP, uNhlamulo Ndhlela usho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba kwi-IEC’s National Results Operations Centre eMidrand.
Uthe wonke amaqembu azimisele ukukhuluma nabo kumele azimisele ngokuthi kushintshwe umthethosisekelo. Kwezinye izinto azibalile ukuthi kushintshwe nomthetho i-Irrigation Act ephoqa uhulumeni ukuthi uthenge amanzi emadamini aphethwe abantu abazimele.
“Sifuna ukuthi kube nobumbano futhi asikungabazi ukuthi lokhu kuzokwenzeka. Sizozofinyelela kulokho asidlali. Le iyona ndlela esizoyisebenzisa ukuthi siye esivumelwaneni sokusebenzisana namanye amaqembu. Sizobheka ukuthi amaqembu ayayifuna inqubekela phambili futhi sizosebenzisana nahambisana nalo mbono wethu. Lokho ikona okuzocacisa ukuthi siyasebenzisana noma cha,” kusho uNdhlela.
Uthe bafuna ukuthi amaqembu azimisele ukusebenzisana nabo avumelana nalo mthetho wokunika uZuma ushwele ukuze akwazi ukubuyela ephalamende.
UNdhlela uthe ukusho lokhu njengoba kubukeka izinto zibavuna ukuthi bangaba yiqembu eliphikisayo ngokusemthethweni.
“Ithina esizosho ukuthi ubani okumele abe ngumengameli futhi bese simbekela umgomo wokuthi anike uZuma ushwele. Sizombuyisela uZuma ukuba ngumengameli ngisho ngabe asikawushintshi lo mthetho ,futhi lokho sizokwenza kalula.
Yize kuke kwaba nezinsolo zokuthi alikho iqembu lepolitiki elizowina ngamalengiso kwaZulu-Natal, kodwa uNdhlela uthe bebezibekele ukuthi bazowina ngo-60% kulesi sifundazwe.