UNOBHALA -JIKELELE obambile kweloMkhonto Wesizwe, uMnuz Sihle Ngubane, uthi babhalele iPhalamende belazisa ukuthi uMnuz Jabulani Khumalo, waxoshwa akufanele abe sohlwini lwabo.
Kumanje iMK inezihlalo eziwu-58 ePhalamende, ezithole emuva kokugila izimanga okhethweni lukazwelonke ngenyanga edlule.
UKhumalo owabhalisa iqembu, nguyena ophezulu ohlwini lwamalungu eMK aya ePhalamende, emuva kokuthi kukhishwe igama likaJacob Zuma. Igama likaZuma likhishwe emuva kwesinqumo senkantolo eyathi akufanele aye ePhalamende.
UKhumalo ubelele isibili ngaphambi kokuthi igama likaZuma lihoshwe ohlwini. UNgubane uthe ngeke bakwazi ukumelwa nguKhumalo ngoba waxoshwa eqenjini.
“Yinto ejwayelekile nje, amaqembu ayalwenza ushintsho ohlwini uma esexoshiwe umuntu. Sibhalele iPhalamende silicela ukuthi uKhumalo akhishwe sabanika nencwadi yokuxoshwa kwakhe bayalusebenza udaba manje,’’ kuchaza uNgubane.
Ethithwa uKhumalo ngalokhu uthe nguyena umholi weMK ePhalameende noma ngabe kukhona abangakuthandi lokho.
“Ngiphakathi impela, yimina umholi weMK ePhalamende, uNgubane ukhuluma into angayazi nje. Kusho ukuthi abafundile ngoba imithetho yePhalamende iqondile. Nani anobathumelela umthetho bawufunde kahle,’’ kuphendula uKhumalo.
UNgubane ubuziwe ukuthi bazoya yini ePhalamende ngoba benesikhalo ngemiphumela yokhetho, wanqaba ukuphendula. Uthe ucela ukuphawula ngodaba lukaKhumalo bese kuphelela lapho hhayi okunye.
Phambilini abe-IEC bakucacisile ukuthi amaqembu awakwazi ukuchibiyela uhlu lwawo kuze kube kuhlala iPhalamende okokuqala.
Kwenzeka konke lokhu nje uKhumalo ulufake enkantolo udaba lokuxoshwa kwakhe kwiMK. Udaba lwangena enkantolo kwalalelwa izethulo sase siyagodlwa isinqumo.