IQEMBU uMkhonto Wesizwe (MK) lithi ligabe ngamanyundululu obufakazi obuqanda ikhanda bokukokotelwa kwemiphumela yokhetho. IMK ithi izimisele ngokuweneka ngesikhathi esifanele.
I-MK isho lokhu emaphepheni ewafake enkantolo icela kumiswe ukuhlala kwePhalamende, elizofungisa amalungu amasha likhethe nomengameli. Kulindeleke ukuthi iPhalamende lihlale ngoLwesihlanu, kufungiswe amalungu amasha.
Isolezwe liwabonile amaphepha aqondiswe eNkantolo yoMthethosisekelo lapho iMK icela ukuthi udaba lulalelwe ngokuphuthuma. AbeMK bathi bafisa udaba lulalelwe ungakashayi uLwesihlanu kaJuni 14, okuzohlala ngawo iPhalamende.
Incwadi efungelwe ibhalwe nguNobhala-Jikelele weMK obambile, uMnuz Sihle Ngubane.
Amaphepha aveza ukuthi kunenkindlane yobufakazi ummangali agadla ngabo athi buzovela ngesikhathi esifanele.
“ Ummangali unezindodla zobufakazi obunye asaqhubeka nokubuqoqa, obuveza ukukokotelwa kwemiphumela kodwa asikabibikho isidingo sokubuveza okwamanje,’’ ngokombhalo wamaphepha.
IMK emaphepheni ayo imangalela iNhloko yamaJaji kuleli iJaji Raymond Zondo, okunguyena ozosingatha umcimbi ngoLwesihlanu.
Kuvela igama likaMnuz Xolile George, onguNobhala wePhalamende. I-IEC ingeyesithathu kwabamangalelwe ngodaba. Owesine wumengameli wezwe kodwa akagagulwanga ngegama.
Kummangalelwe namaqembu anamalungu ePhalamende okulindeleke ukuthi afungiswe bese endaweni yesihlanu kube amaqembu angenamalungu ePhalamende.
IMK phakathi kwezinto ezibalayo ithi ifuna imiphumela yokhetho ichithwe ngoba kuningi okungahambanga kahle. Ithi yakhala nangobuxhakaxhaka besimanje obaba nenkinga sekungena imiphumela.
IMK ize ithi okunye okuxakayo wukuthi ngesikhathi iveza izikhalo zayo benamanye amaqembu ababutholanga ubulungiswa. Ithe abezindaba babuza ukuthi i-IEC ijaheni kodwa yathi inexhala ngodaba lwezimakethe.
IMK iphinde ithinte udaba lwezihlalo ePhalamende okuyilona olubangwa kakhulu. IMK ithi umthetho uthi iPhalamende kufanele libe namalungu aqala kwangu-350 kuya phezulu. Bathe uma isibalo singaphansi kwalokho kuyobe kusho ukuhlala okungekho emthethweni.
IMK ithi ifuna kuchithwe imiphumela yokhetho bese kubizwa olunye kabusha ezinsukwini ezingu-90. IMK inxusa inkantolo ukuthi ivune yona kwelokuthi i-IEC yagagamela ngokuthi imemezele imiphumela.
Kwenzeka konke lokhu nje, iMK ithi ayilubhadi ePhalamende uma sekufungiswa amalungu ngoLwesihlanu. IMK inezihlalo ezingu-58 ePhalamende ezithole emuva kokhetho.
IPhalamende limemezele ukuthi lihoxise amabhanoyi nezindawo zokulala nokunye abebekuhlelele amalungu eMK abezobe eyofungiswa.
Amehlo azobe ethe njo ePhalamende njengoba kulindwe ukubona ukuthi uhulumeni uzokwakhiwa kanjani emuva kwezingxoxo zamaqembu.