IMK ayikanqumi ukuthi izomxosha noma cha eqenjini obengunobhala jikelele uMnuz Floyd Shivambu, oxhumana nezinhlaka ezehlukene mayelana nokuthi avule iqembu lezepolitiki elisha.
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, ukuqinisekisile ukuthi uShivambu useyilona ilungu leMK yize esezinhlelweni zokuvula iqembu elisha.
UShivambu wamemezela izinhlelo zokuvula iqembu elisha ngeledlule kulandela ukususwa kwakhe esikhundleni sokuba unobhala jikelele weMK.
Ngesikhathi ememezela izinhlelo zokuthi uzoba nale ngxoxo ngeqembu elisha, uShivambu wathi ngeke ashiye kwiMK.
UNdhlela uvumile ukuthi miningi imigomo yeMK ephulwe wuShivambu kodwa wathi udaba lwakhe lusazoxoxwa.
"Useyilungu leqembu, akukho okushintshile lapho. Udaba lwakhe siyaluxoxa. Ziningi izigaba zomthetho weMK aziphulile. Lo mthetho wabhalwa uyena njalo uShivambu. Umthetho weMK ukubeka kucace ukuthi amalungu eqembu awavumelekile ukuvula elinye iqembu lezepolitiki. Kuningi nje okuphambene nomthetho akwenzile yingakho asuswa esikhundleni."
UNdhlela uthe bafuna ukuthi uShivambu abachazele kahle ukuthi yini lena ayiphekayo.
"Ngeke silutatazelele lolu daba. UShivambu uyilungu leMK elijwayelekile. Kufanele aze lapha kuthina njengabaholi ezosichazela ukuthi yini lena ayiqalayo."
Ngesikhathi uShivambu exoshwa esikhundleni iMK yathi uxoshelwe ukuhambela esontweni lomfundisi waseMalawi, ofunelwa amacala, uShepherd Bushiri.
Kepha yena uShivambu wakuphika lokhu wathi uxoshiswe wumbiko wezinhloli ongamampunge othi ufuna ukuketula umholi weqembu, uMnuz Jacob Zuma.
UNdhlela uphinde wakugcizelela ukuthi uShivambu waxoshelwa ukuya esontweni likaBushiri.
"Waphula umthetho weqembu waphinde waqamba amanga wathi wayegunyazwe wuZuma ukuba aye eMalawi. Naye uyazi ukuthi yiqiniso leli engilukhulumayo. Waze waxolisa."
Ngesikhathi iMK ikhipha uShivambu esikhundleni yayithembise ukumjuba ePhalamende.
Kepha izolo akazange afungiswe uShivambu ngesikhathi kufungiswa amanye amalungu eMK ayisishiyagalolunye.
UNdhlela uthe banqume ukungabe besamjuba uShivambu ePhalamende emva kokuthola ukuthi miningi eminye imigomo yeqembu ayiphulile ngesikhathi esaphethe esikanobhala jikelele.
UNdhlela ubuye waqinisekisa eyokuthi kunezinsolo zokuthi uShivambu wayeyoziqinisa eMalawi.
UNdhlela uthe kunezinsolo zokuthi uShivambu wantshontsha isigqoko sendodakazi yomholi weMK, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla.
"Kunezinsolo zokuthi wayefuna ukuthakatha uNkk Zuma-Sambudla. Lena yinto okukhulunywa ngayo. Kuthiwa wayeyofuna umuthi ozokwenza ukuthi kube uyena ohola iqembu uma engasekho uZuma."
UNdhlela ubambene ngezihluthu noShivambu njengoba emthumelele incwadi yabameli.
Kule ncwadi uNdhlela uyalela uShivambu ukuba axolise aphinde ahoxise izinsolo zokuthi udla izidakamizwa.
UShivambu usanda kwenza izinsolo zokuthi uNdhlela uhlezi edakiwe nokuthi udla izidakamizwa.
UNdhlela uphikile ukuthi udla izidakamizwa.
Kusasa uShivambu uzomemezela abazohola izingxoxo zokuqalwa kweqembu elisha.