EMUVA kokubulala u-Uyinene Mrwetyana (19), uLuyanda Botha wafaka isidumbu sakhe esisefeni saseposini iClareinch wasilanda ngakusasa wase eyosishisa.
Lokhu kusemaphuzwini aphelezela incwadi yesimangalo enikezwe iNkantolo yeMantshi yaseWynberg izolo lapho icala likaBotha lidluliselwe khona eNkantolo eNkulu.
UMbuso uthi uBotha wamdlwengula uMrwetyana kabili wase eyambulala. Wafa emuva kokuba eshaywe ngokuthile ekhanda. UBotha kuthiwa wambulala wase evalela isidumbu esisefeni saseposini wabuya ngakusasa eseyosithwala ngemoto waya naso eLingelethu West lapho afike wasilahla khona wase eyasishisa.
Bangu-16 ofakazi bombuso abazokwethula ubufakazi enkantolo uma sekuqulwa icala lokubulawa kukaMrwetyana. Kusolakala ukuthi uMrwetyana noBotha baqala ukubonana emasontweni amabili ngaphambi kokubulawa kwakhe ngesikhathi eye eposini laseClaireinch eyobuza ngephasela lakhe lempahla ayeyithenge kwi-internet. Ngesikhathi efika eposini uMrwetyana wasizwa nguBotha owamtshela ukuthi iphasela lakhe alikafiki. Bagcina ngokushintshisana ngezinombolo zocingo ukuze uBotha amfonele uma selifikile iphasela.
Kusolakala ukuthi ngosuku agcina ukubonakala ngalo uMrwetyana wafonelwa nguBotha emazisa ukuthi iphasela lakhe selifikile nokuyilapho alibangisa khona eposini. Efika eposini uMrwetyana watshelwa nguBotha ukuthi amakhompyutha awasebenzi abuye ntambama. Ngesikhathi esebuya ntambama yilapho afica khona uBotha eseyedwa wamdlwengula wabe esembulala.
Icala lombuso lizobe liholwa nguMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi eWestern Cape, u-Advocate Rodney De Kock. UDe Kock uzovezela inkantolo ukuthi uBotha wahlasela uMrwetyana eposini ngo-Agasti 24 sekuvaliwe, wamdlwengula wabe esembulala ngaphambi kokufihla ubufakazi ukuze engaboshwa. Uma limlahla icala uBotha angase agwetshwe udilikajele.