Kufanele azinuke amakhwapha amaqembu asale ngaphandle ngesikhathi kwabiwa izikhundla kuhulumeni waKwaZulu-Natal nasesiShayamthetho.
Nakuba iningi lamaqembu ameleleke esiShayamthetho libaliwe ngesikhathi kuqokwa ikhabhinethi lesifundazwe, amaqembu amabili, i-MK ne-EFF awatholanga lutho.
La maqembu awazange alibone elidlalayo ngesikhathi kuqokwa undunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uSomlomo wesiShayamthetho sesifundazwe uNksz Nontembeko Boyce, nePhini likaSomlomo wesiShayamthetho uNksz Mmabatho Tembe.
Laba baholi abaqokwayo baqhamuka kwi-IFP, ANC neDA.
Nangesikhathi uNtuli ememezela ikhabhinethi lesifundazwe, i-MK ne-EFF abazange bavele ngoba ikhabhinethi lakhiwe abaholi be-IFP, ANC, DA ne-NFP.
I-IFP ithole izikhundla ezithe xaxa futhi inabaholi abane abangabaphathiswa. Labo oMfundisi Musa Zondi ophethe uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi oseMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu, uNkk Thembeni kaMadlopha-Mthethwa woMnyango wezoLimo, noMnuz Mntomuhle Khawula okwezamaSiko nezeMidlalo.
I-ANC ithole izikhundla ezintathu. UMnuz Siboniso Duma uzophatha uMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu, uNksz Nomagugu Simelane usazoqhubeka nokuphatha uMnyango wezeMpilo bese kuthi uMnuz Sipho Hlomuka engamele ezeMfundo.
IDA icoshe iminyango emibili ewele kuMnuz Francois Rodgers kwezeZimali, noMnuz Martin Meyer eMnyangweni wezeMisebenzi yoMphakathi.
I-NFP ithole isihlalo esisodwa esisezandleni zikaNksz Mbali Shinga, ophethe uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi.
Imiphumela yokhetho KwaZulu-Natal ibiphoqa ukuthi kube nohulumeni wokubambisana ngoba alikho iqembu elathola izihlalo ezanele ukuthi libuse ngokuzimela.
Lena yokubusa ngokubambisana KwaZulu-Natal, ayiyintsha njengoba ngaphambili sekuke kwabambisana i-IFP ne-ANC.
I-MK iyona enezihlalo eziningi esiShayamthetho njengoba inezingu-37 kwezingu-80, i-EFF inezimbili.
Njengeqembu elathola izihlalo eziningi esiShayamthetho, iMK bekulula kuyo ukufuna abazoyeseka ukuze ikwazi ukuphatha KwaZulu-Natal. Sekusemlandweni ukuthu leli qembu lichithe isikhathi esiningi liziba eyokwakha uhulumeni, lalibala ukukhononda ngemiphumela yokhetho.
Kuyimanje kunecala eliseNkantolo yezoKhetho, lapho iMK ifuna ukuthi kuchithwe imiphumela yokhetho lwangenyanga eyedlule.
Umhlaziyi wezepolitiki oseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Zakhele Ndlovu, uthe iMK ibizoshaya ngamaphiko kuhulumeni waKwaZulu-Natal, ukube yasheshe yasukuma.
“Njengoba i-IFP inikezwe izikhundla ezine ekubeni yathola izihlalo ezingu-15 okhethweni, lokhu kusho ukuthi iMK ibizothola okungenani izikhundla eziyisithupha.
“AbeMK kufanele bayiqaphele le nto ingagcini isibaqhatha bodwa. Uyabona kuyimanje ngiyazi ukuthi abantu abaphezulu ohlwini lwe-MK bayasho ukuthi ngabe lezi zikhundla ziphethwe yibo.”
UNdlovu uthe ubona amaqembu ayingxenye kahulumeni wobumbano ecazelene kahle izihlalo.
“Indlela okucazwe ngayo izikhundla ihambisana nezihlalo ezatholwa yila maqembu ngesikhathi kunokhetho. I-IFP ithole izikhundla eziningi ngoba iyona enezihlalo eziningana kulaba esebenzisana nabo.”
I-ANC iyona enikezwe iminyango ethola isabelo esibhekile uma kwabiwa izimali KwaZulu-Natal.
Esabelweni sanonyaka esiwu-R150 billion, uMnyango wezeMfundo wathola imali eningi, wabelwa uR63 billion, ulandelwa uMnyango wezeMpilo owathola uR53 billion.
UMnyango wezokuThutha walala isithathu, wathola uR13 billion.
UNdlovu uthe kungenzeka ukuthi i-ANC icushiwe njengoba inikezwa le minyango.
“Mhlawumbe bafuna ukubona ukuthi izowakhipha ngendlela okuyiyo yini amathenda. Njengoba i-DA iphethe uMnyango wezeZimali, iyona ezogada ukuthi amathenda akhishwa ngayiphi indlela.”
I-IFP ikwazile ukuthola iminyango ebalulekile, ikakhulu owezokuThuthukiswa koMnotho, nowezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu.
UNdlovu uthe uMnyango obaluleke kakhulu kwetholwe i-IFP owezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu.
“Ikakhulukazi njengoba u(Mfu Thulasizwe) Buthelezi (uMphathiswa womnyango) engundunankulu kaZulu. Lo mnyango uzomxhumanisa namakhosi.”
UNdlovu uthe akayizwa kahle eyokuthi uMnyango wezokuPhepha koMphakathi ufakwe ngaphansi kwehhovisi likaNdunankulu.
“Umsebenzi omkhulu indaba yokuphepha komphakathi. UNdunankulu unomsebenzi omkhulu wokuhola ikhabhinethi omhlalele. Angiboni ukuthi uzokwazi ukuzibhanqa kahle zombili lezi zinto.”
Njengoba usuqokiwe uhulumeni wesifundazwe, umsebenzi wokuhambisa izidingo kubantu kufanele uqale ngokushesha.
Laba baholi abaqokiwe abaqhamuka emaqenjini ahlukene kufanele bakhohlwe ukungaboni ngaso linye obekukhona phakathi kwabo ngesikhathi kukhankaselwa ukhetho.
Lona umyalezo owagcizelelwa nguNtuli ngesikhathi ethula ikhabhinethi.
“Sinomsebenzi omkhulu wokwakha kabusha iKwaZulu-Natal. Ngiyazi ukuthi ngesikhathi sikhankasela ukhetho sasinemiqulu yezethembiso zokhetho eyehlukene. Kodwa-ke manje sekuyisikhathi sokuba sibeke phambili izidingo zabantu baKwaZulu-Natal. Sonke sibhekeke ukuba sisebenze ngokwethembeka nangokucophelela.”
Mkhulu umsebenzi ohlalele ikhabhinethi laKwaZulu-Natal elisha.
Kule minyaka eyedlule isifundazwe sibhekane nezinkinga eziningi okubalwa ukuhlasela kwezikhukhula, izibhelu zokuzitapela, nokubheduka kobhubhane iCovid-19.