MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele bengifisa ukuveza umbono wami. Umbono wami uyikhambi mayelana nokuntuleka kwemisebenzi entsheni yakithi lapha ezweni lethu.
Mina benginesifiso sokuthi uhulumeni wethu nesigungu sonke abambisene naso uma kungenzeka bawucubungule lo mbono enginawo mayelana nokuntuleka kwemisebenzi kwelengabadi.
Lapha eNingizimu Afrika sizele abantwana sabakhulisa saphinda sabafundisa ngenkulu imali kodwa iningi labo alisebenzi.
Abanye babo baneziqu, abanye bafundele ubuchwepheshe banamuhla kodwa dololo imisebenzi, bahleli emakhaya abenzi lutho ngale mfundo yabo.
Umbono wami uthi kungani uhulumeni nethimba lakhe bengangeni ezinkampanini ezikhona lana ezweni kubhekwe abantu asebethe ukukhula ngeminyaka asebesondele ekuthatheni umhlalaphansi. Ake sithi nje osasebenza sekusele noma iminyaka esondele kwengu-10 noma sekuseduze ukuthi bathathe umhlalaphansi, uhulumeni akatshele izinkampani ukuthi azibakhulule labo bantu.
Izinkampani zingathatha lezi zingane eziduve emakhaya zivolontiye ukuze zifunde ukuthi asebezothatha umhlalaphansi bebenzani yonke le minyaka. Abantu asebehlanganise iminyaka engu-50 mabayekiswe ukusebenza kube yintsha ezoqhubeka nemisebenzi abebeyenza.
Ngalesi sinyathelo ungabonakala umehluko kule nkinga esibhekene nayo yokwentuleka kwemisebenzi entsheni futhi kungancipha nalobu bugebengu obungaka ezweni uma intsha isinikwe imisebenzi engaziphisa
ngayo.
Bakwethu nami lokhu engikuvezayo kuwumbono wami nje ngoba iyinkinga esihlupha sonke indaba yokuntuleka kwemisebenzi nokwanda kwesibalo sentsha ejika nelanga emakhaya.
AB Manana