ABANTU besifazane bakuleli yize sekunemithetho eminingi eshaywe uhulumeni yokubathuthukisa kwezomnotho kepha basalokhu besilele ngemuva uma beqhathaniswa namadoda emsebenzini nakwezomnotho.
UNgqongqoshe wezaBesifazane, abaKhubazekile neziNgane eHhovisi likaMengameli, uNkk Maite Nkoana-Mashabane usho kanje ngesikhathi ekhuluma ngamalungelo ezomnotho nenkululeko kwabesifazane ngoLwesihlanu.
Uthe abantu besifazane babambe iqhaza elimqoka ekuqedeni ububha, basebenza ngokuzimisela ngaphansi kwezimo ezibucayi kodwa umholo wabo usalokhu ungaphansi kowabesilisa abasemkhakheni ofanayo.
“Abantu besifazane abalutholi usizo lwemali olufanele ezikhungweni zezimali futhi abanikwa amathuba alinganayo kulezi zikhungo ngoba basuke bengenalo ulwazi olulingana nolwamadoda. Ngasohlangothini lomsebenzi; abanikwa imisebenzi ezobenza bahole kangcono kanjalo nezindawo abasebenzela kuzo aziphephile,” kusho yena.
Uqhube wathi uma abesifazane bethole ithuba lokusebenza endaweni ezobaholela kangcono imali bayitshala ekuthuthukiseni imindeni yabo nomphakathi.
“Amalungelo omnotho abalulekile ngendlela efanayo namalungelo epolitiki. Uma la malungelo bengawatholi wonke kusho ukuthi abakakhululeki,” kusho uNkk Nkoana-Mashabane.
Uqhube wathi igebe lokungalingani kwamadoda nabesifazane lisalokhu likhona yize uhulumeni esebeke imithetho eminingi yokulingana ngokobulili, eyezemisebenzi neyokunqanda ukucwasa ngobulili.